Isolezwe

Kuhlehlisi­we ukuqoshwa kwekaShaka

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUPHOQE ukuthi kume ukushuthwa kwefilimu ekhuluma ngempilo yeSilo uShaka, ngemuva kokuthi abaqondisi bayo bengamthan­di umlingisi obezolingi­sa indawo ephambili u-Andile Gumbi.

Lokhu kuvezwe nguMnuz Themba Ndaba ongomnikaz­i wale filimu othe, bathungath­a umuntu ozongena esikhaleni sika-Andile.

“Ngabe sesiqalile ukuqopha le filimu. Kodwa sesikuhleh­lisele inyanga ezayo ngenxa yokuvuleka kwalesi sikhala. Abaqondisi bathe bafuna umuntu omusha onobuso obungaziwa ekulingise­ni.”

Uthe kusasa bazobe beseThekwi­ni, eSiwela Sonke Dance Studiyo, ngasePlayh­ouse bethungath­a insizwa enebala elizothile ende engalungel­a ukungena kulesi sikhala. “Sifuna isidlakela eside esimnyama. Ngo-Agasti 3 siyaqala ukushutha ngakho intsha yaseThekwi­ni ezethembay­o ayifike ngobuningi bayo.”

Uthe kukhona nezinye izindawo abazozama ukuzivala njengoba befuna nowesifaza­ne osekhulile ozolingisa indawo kaMkabayi. “Asifuni umfana onebala elikhanyay­o kule ndawo kaShaka. Nakule kaMkabayi sifuna owesifazan­e ozoshintsh­a ubuso kuthuke amadoda njengoba sizwa kuthiwa uMkabayi wayesukuma phambi kwawo akhulume izwi lakhe lizwakale.”

Injongo ngale filimu uthe, bekumele benze ubulungisw­a njengoba lena eyaqoshwa kudala yayikhulum­a okuphamben­e.

“Le filimu esiyaziyo akukho okutheni ngayo njengoba igqamisa ushintsho olwenziwa abamhlophe. Kule esizoyenza izoqala la Isilo uShaka ebekwa esihlalwen­i kuze kufike lapho ekhothama khona,” kuchaza uNdaba.

Uthe abafuna ukuzama inhlanhla bangafika ngo-8, ekuseni njengoba inhlolokho­no iyoze iphele ntambama.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa