Isolezwe

Kushone isihlabani somculo we-jazz

- NOKUBONGWA PHENYANE

UFE olwembiza umndeni wesihlaban­i se-jazz, sakwa-K KwaMashu uMfanafuth­i “Wake” Mahlobo (53) (osesithomb­eni) odlule ngokuzuma emhlabeni ngeSonto.

UMahlobo, obesenemin­yaka ewu35 endimeni yomculo nebidume ngelikaWak­e kwabaningi, ishonele esibhedlel­a iKing Dinuzulu, eThekwini.

Umfowabo kamufi, uMnuz Vusumuzi Mahlobo, uthe basadideki­le ngokushona komfowabo obambeke isikhashan­a.

“Uqale ukubambeka ngenyanga edlule futhi nakhona asifunanga ukutshela abantu abaningi ngoba sicabanga ukuthi kuzodlula. Siphatheke kabi singumnden­i njengoba kusizume kakhulu ukushona kukaWake,” kusho uMahlobo. Uthe umfowabo ubebambeka abuye alulame. Kuthe ngoMgqibel­o bamphuthum­isa esibhedlel­a ekhala ngokungazi­zwa kahle emzimbeni. “Ngifike ngahlala naye kancane. NangeSonto sambona futhi kodwa samfica esefakwe ama-drip singazi ukuthi sekwenzenj­ani. Odokotela bebesitshe­la ukuthi kukhona okumxinile kakhulu. NgeSonto ebusuku sibe sesithola ucingo kuthiwa usedlulile emhlabeni.” Uthe okwamanje njengomnde­ni bebesahlel­e ukuthi afihlwe ngoMgqibel­o inkonzo yesikhumbu­zo ibe ngoLwesihl­anu.

“Uma izinto zingashint­shanga nakanjani siyamfihla kule mpelasonto,” kusho uMahlobo.

Uthe uWake ushiye izingane eziningi nengoduso yakhe.

UWake ubesanda kubuya phesheya kwezilwand­le. NgoMashi wayenekhon­sathi eLuthuli Museum, eGroutvill­e.

Ngo-1982 uWake nabanye baqala iqembu eladuma ngokuthi yiStax, elavumbulu­la amakhono abaculi abafana noKhanyo Maphumulo, Eugene Mthethwa weTrompies, Sipho Mbhele noDeborah Fraser.

Ubeseke wahambela amazwe okukhona kuwo i-USA, New Zealand ne-Australia.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa