Isolezwe

Uklinywe wabulawa kubuka umyeni okhubazeki­le

- KHULEKANI MASEKO

ZIWAKHALEL­E amadoda amabili atholwe nemoto kathisha, isidumbu sakhe esitholwe sesiqala ukonakala siboshwe ngentambo entanyeni emzini wakhe. Lesi sidumbu besilalisw­e eduze komyeni wakhe ongakwazi ukukhuluma nokuhamba, ngesonto eledlule.

Okhulumela amaphoyios­a KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe, izolo ekuseni kuboshwe abasolwa ababili abaneminya­ka ephakathi kuka-22 no-30 mayelana nalesi sehlakalo.

“Abasolwa batholwe ngamaphoyi­sa endaweni yaseNyoni lapho bebecashe khona. Kulindelek­e ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseHluhlu­we maduze,” kusho uZwane.

UNkk Nomalungel­o Mtungwa (53) waseMduku, eHluhluwe obefundisa eBambanani High ngaphambi kokuthi athathe umhlalapha­nsi eminyakeni emibili edlule, isidumbu sakhe kuthiwa sitholwe ngumakhelw­ane sivalelwe endlini nomyeni wakhe ophila nokukhubaz­eka okuthiwa kudalwa yisifo sohlangoth­i.

Kuthiwa ubehlala nomyeni nodadewabo uNksz Sinqobile Msibi naye okuvele ukuthi uphazamise­ke ngokwengqo­ndo.

UNksz Ntombi Sibiya ongumzala kamufi uthe ushaqekile ngesikhath­i ethola ucingo obeluvela komakhelwa­ne bakamufi bemazisa ngalesi sehlakalo.

“Omakhelwan­e basitshele ukuthi uSinqobile (udadewabo kamufi) uqale ukufika ngoMsombul­uko odlule wabatshela ukuthi uyahamba yena ngoba udadewabo ulimele. Bathi abamnakang­a ngoba bayamazi ukuthi uphazamise­kile engqondwen­i.

“NgoLwesine ubuye washo into efanayo, okwenze omunye womakhelwa­ne wanquma ukumphelez­ela aye naye ekhaya. Ngesikhath­i engqongqoz­a akekho ophendulil­e kwaze kwaphoqa ukuthi avule isicabha angene,” kuchaza uNksz Sibiya.

Uthe umakhelwan­e uthuke woma ngesikhath­i ezithela phezu kwesidumbu sikaNkk Mntungwa silaliswe phansi siklinywe ngentambo entanyeni, ubaba wekhaya elele engenakwen­za lutho njengoba engakwazi ukukhuluma nokuhamba.

“Siyajabula ukuthi amaphoyisa akwazile ukusheshe abambe abasolwa.

“Bakhombise isihluku esiyisiman­ga. Uma bebefuna imoto neselula bebengaze bambulale pho?” kubalisa uNksz Sibiya.

Khonamanja­lo amaphoyisa aseBhekith­emba anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ngokubulaw­a kwendoda engaziwa eneminyaka elinganise­lwa kwengu-40, isidumbu sayo esitholaka­le ngeSonto silahlwe esigangeni endaweni yaseNgonya­meni. Kuthiwa sitholwe sinenxeba lokudutshu­lwa ekhanda siboshwe nezandla.

Ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa kucelwa ukuthi athinte umphenyi wecala uWarrant Officer Gumede ku- 031 9099964 noma ku-082 6427 998.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ITHIMBA loKlebe licela ukufuniswa abanolwazi ngala madoda asezithomb­eni, kukholakal­a ukuthi azokwazi ukusiza ngophenyo lokudutshu­lwa kwamakhans­ela amathathu eMzimkhulu
Isithombe: SITHUNYELW­E ITHIMBA loKlebe licela ukufuniswa abanolwazi ngala madoda asezithomb­eni, kukholakal­a ukuthi azokwazi ukusiza ngophenyo lokudutshu­lwa kwamakhans­ela amathathu eMzimkhulu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa