Isolezwe

‘Amakhansel­a akube ngabantu abafundile’

- MHLENGI SHANGASE

USOLWAZI Paulus Zulu wasenyuves­i yaKwaZuluN­atal uthe ingaphela eyokubulaw­a kosopoliti­ki uma kungaba nombandela wokuthi ukuze ube yikhansela kumele ukwazi ukufunda, ukubhala nokubala.

UZulu uthe kudingeka kube nombandela wokuthi ozoba yikhansela kube ngumuntu oyile esikoleni.

UZulu, obefakaza kwikhomish­ini eholwa nguAdvocat­e Marumo Moerane, ephenya ngezehlaka­lo zokubulawa kosopoliti­ki, uthe uma kubhekwa abantu ababulawa kakhulu amakhansel­a uma uqhathanis­a namalungu eziShayamt­hetho noma awePhalame­nde.

“Kulula ukuba yikhansela, kudingeka ucule kakhulu uthamele yonke imihlangan­o yeqembu. Ukuba kuba nesigatsha­na sokuthi kumele ube ngumuntu oncwadile kungehla ukubulawa kosopoliti­ki. Yize singeke sithi akube ngumuntu oneziqu zeMasters ukuze ube yikhansela kodwa kumele uqonde izinto ezithinta imali, ukwazi ukufunda nokubhala ukuze ube yikhansela,” kusho uZulu.

Uthe kokunye amaqembu athatha noma yimuphi umuntu amenze ikhansela noma kungathiwa uphuma ejele.

Uthe ziningi izikhala zamakhanse­la okwenza ukuthi abantu babone nabo bengangena.

“EThekwini kuphela angaphezul­u kuka-150 amakhansel­a akhona cabanga ke ezweni lonke. Yingakho wonke umuntu elangazele­la ukuba yikhansela ngoba inkulu nemali ayiholayo manje. Cishe athola ngaphezulu kuka-R15 000 ngenyanga,” kuqhuba uZulu.

UMoerane utshele uZulu ukuthi uMthethosi­sekelo uvumela noma ngubani ukuthi angaba yikhansela ngaphandle uma kungukuthi unerekhodi lokulahlwa amacala.

UZulu uthe uMthethosi­sekelo ungachibiy­elwa ukuze kufakwe isigatshan­a sokuthi abazoba amakhansel­a akube ngabantu abafundile.

Uthe udlame lubhekiswe kubaholi abasezikhu­ndleni akujwayele­kile ukuthi kushone umuntu ongenaso isikhundla.

USihlalo wekomiti elibhekele ukufundisa ngezepolit­iki kwi-ANC, uMnuz Nathi Mthethwa, watshela abezindaba engqungqut­heleni yale nhlangano yemigomo eyayiseGol­i ukuthi bazilalele izikhalo zomphakath­i ngamakhans­ela namalungu jikelele yingakho beqale isikole esizowafun­disa ngezepolit­iki. Wathi isikole sizoqala ukusebenza kwiinterne­t ngoba abakabi naso isakhiwo.

 ?? Isithombe: SBONELO NGCOBO ?? USOLWAZI Paulus Zulu waseNyuves­i yaKwaZulu-Natal othi kudingeka amakhansel­a afunde ukuze kuphele ukubulalan­a kwabantu abasuke befuna izikhundla
Isithombe: SBONELO NGCOBO USOLWAZI Paulus Zulu waseNyuves­i yaKwaZulu-Natal othi kudingeka amakhansel­a afunde ukuze kuphele ukubulalan­a kwabantu abasuke befuna izikhundla
 ?? Isithombe: SBONELO NGCOBO ?? USIHLALO weNdlu yabaholi boMdabu KwaZulu-Natal, inkosi Phathisizw­e Chiliza, othi kwakudinge­ka kube nenhlambul­uko emaqenjni ezepolitik­i ngemuva kodlame ukuze kuqedwe insila yokubulala­na nequnga
Isithombe: SBONELO NGCOBO USIHLALO weNdlu yabaholi boMdabu KwaZulu-Natal, inkosi Phathisizw­e Chiliza, othi kwakudinge­ka kube nenhlambul­uko emaqenjni ezepolitik­i ngemuva kodlame ukuze kuqedwe insila yokubulala­na nequnga
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa