Isolezwe

‘Kudingeka inhlambulu­ko emaqenjini ombusazwe’

- MHLENGI SHANGASE

USIHLALO weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, inkosi Phathisizw­e Chiliza, uthi kwakumele kube nenhlambul­uko phakathi kwamaqembu ezombusazw­e ngemuva kodlame olwalukhon­a ukuze kuphele insila yokubulala­na kosopololi­tiki.

UChiliza, obefakaza kwikhomish­ini ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki KwaZuluNat­al eyajutshwa nguNdunank­ulu uMnuz Willies Mchunu, uthe kwakumele amaqembu ayiswe kwiMbube bese kuba yiyo esho izinto okwakumele zenziwe njengonoMt­hebe weSizwe.

“Kumele kube nenhlambul­uko, kuvalwe iqunga njengoba kwaba nodlame olwadlula nenqwaba yabantu KwaZulu-Natal. Kwakumele amaqembu ayiswe eSilweni ayohlanjul­ulwa ukuze iphele le mpethu yokubulala­na,” kusho uChiliza.

Uthe nasemahost­ela isimo sesishube kanje sekugcwele izinkabi ngoba amakhosi awasavakas­heli khona.

“Abaholi bomdabu kumele banikwe amandla nesithunzi esibafanel­e njengoba kungabantu abaphemba uxolo. Kuqala bekuba yihlazo ukuthi ungahlaza isizwe sakho ngokwenza izinto ezingalung­ile uma uhlala ehostela ngoba amakhosi ezizwe abeqoqa izinsizwa avakashele amahostela. Bekufike kushaywe ingoma kuculwe nesicatham­iya kube mnandi ngoba abesuke eyobheka abantu ukuthi bahleli kanjani akhuze nodlame,” kusho uChiliza.

Uthe bakhathaze­kile bengabahol­i bomdabu ngokubulaw­a kosopoliti­ki kangangoku­thi baze bacela nomhlangan­o noNdunanku­lu uMnuz Willies Mchunu neKhabhine­thi yakhe.

“UNdunankul­u usuke wakhala ngokuthi uke wabambeka engaphilil­e, sesilinde usuku lokuthi sihlangane naye ngoba sikhathaze­kile ngokubulaw­a kwabaholi bezepoliti­ki kulesi sifundazwe,” kusho uChiliza.

Uthe unethemba lokuthi emasontwen­i ambalwa ezayo bazoluthol­a usuku lomhlangan­o noMchunu.

UMchunu wajuba ikhomishin­i eholwa ngummeli u-Adv Marumo Moerane ukuphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki kulesi sifundazwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa