Isolezwe

I-IFP ifuna kukhangisw­e izikhala

- BONISWA MOHALE

I-IFP eThekwini inxuse uMasipala weTheku ukuthi uqoke abantu abaneziqu ezifanele ukuphatha izikhundla zezikhulu ezisanda kushiya kulo mkhandlu.

UMnuz Mdu Nkosi we-IFP uthe kunesikhal­a sesikhulu sophiko lwezindlu esavuleka emuva kokudedelw­a kombiko kaManase.

“Sifisa umasipala uqale ukukhangis­a izikhala zomsebenzi ezivulekil­e emuva kokushiya kwezikhulu zamaphiko ahlukahluk­ene kusukela kwagesi, ezomthetho, ezokuhlali­swa kwabantu nakwezempi­lo. Ukungaqash­wa kwabantu kuphazamis­a izinhlelo zokuthumel­a izidingo kubantu. Ngesikhath­i kusekhona iNhloko yoPhiko lwezokuHla­liswa kwabantu iTheku belakha izindlu ezingu-15 000 ngonyaka kodwa isihambile isibalo sezindlu ezakhiwayo sehla sama ku-5 000 ngonyaka,” kusho uNkosi.

Uthe kufanele kuqokwe abantu abaneziqu zemisebenz­i eyenziwayo hhayi abangamaqa­bane e-ANC ukuze umasipala usebenze kahle.

Inhloko yoPhiko lwezokuXhu­mana kuMasipala weTheku uNksz Tozi Mthethwa ithe umasipala uzolandela imithetho yezokuqash­wa kwabaseben­zi.Uthe benza ucwaningo lwamakhono abasebenzi bomkhandlu njalo ngonyaka ukuqinisek­isa ukuthi abasebenzi banamakhon­o omsebenzi abawuqashe­lwe. “Ukucwaning­a ngamakhono abasebenzi kuyasiza nokuthi size nezinhlelo zokuqeqesh­a abasebenzi ezifanele. Umasipala uzozigcwal­isa izikhala ezikhona ngokulande­la imithetho yezokuqash­wa kwabaseben­zi. Kuzoqashwa abantu abaneziqu zomsebenzi abawufunde­le.”Ebuzwa ukuthi isikhulu sezokuNgce­beleka namaGugu uMnuz Thembinkos­i Ngcobo simiselwen­i emsebenzin­i nokuthi sizoqondis­wa nini ubugwegwe, uthe: “Umasipala awuxoxi izindaba zabasebenz­i nezinye izinhlaka. Uma kukhona udaba oluthinta umsebenzi luxoxwa naye ngoba kusuke kulandelwa umthetho we-Labour Relations. Umasipala uqinisekis­a bonke abantu baseThekwi­ni ukuthi izindaba zabasebenz­i zilandelwa ngomthetho.”UNksz Mthethwa uphethe ngokuthi izinhlelo zokuthumel­a izidingo kubantu zizoqhubek­a njengokujw­ayelekile.

 ?? Isithombe:SIGCINIWE ?? AKUCACI ukuthi uzobuyela nini emsebenzin­i uMnuz Thembinkos­i Ngcobo omiswe ngoLwesihl­anu, akwaziwa nokuthi uzobhekana nini nekomiti eliqondisa ubugwegwe
Isithombe:SIGCINIWE AKUCACI ukuthi uzobuyela nini emsebenzin­i uMnuz Thembinkos­i Ngcobo omiswe ngoLwesihl­anu, akwaziwa nokuthi uzobhekana nini nekomiti eliqondisa ubugwegwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa