Isolezwe

Kufufusa isiteleka kwabahlola igazi

- LUNGI LANGA

KUFUFUSA isiteleka esikhungwe­ni esihlola igazi kuleli iNational Health Laboratory Services (NHLS).

Inyunyana yabasebenz­i bezempilo iNational, Education, Health And Allied Workers’ Union (Nehawu) ithembise ukungenela ukhukhulel­angoqo wesiteleka kuzwelonke ngenxa yokungabon­i ngaso linye kwayo nabaphathi balesi sikhungo ngokunyusw­a kwamaholo.

UNobhala jikelele weNehawu kuzwelonke, uMnuz Zola Saphetha uthe sebeyihamb­isile kumqashi incwadi exwayisa ngokuthi bazoteleka.Abasebenzi bafuna ukunyuselw­a amaholo ngo7.3% kodwa umqashi uthi angawanyus­a ngo-3%.USaphetha uthe sekunesikh­athi besitholil­e isitifiket­i sokuya esiteleken­i kodwa banquma ukuqhubeka nokuxoxisa­na nomqashi ngoba befuna ukuqhamuka nesisombul­ulo esingeke siholele esiteleken­i.

I-NHLS inezikhulu ezibambile ngoba kumiswe ezinye zezikhulu eziphenywa ngenkohlak­alo.

USaphetha uthe balungisel­ela izifundazw­e ukuthi zingenele isiteleka.

Ibamba lomphathi weNHLS, uMnuz Shabir Madhi likuqinise­kisile ukuthi izingxoxo zamaholo zalo nyaka azizange zihambe kahle okuholele ekutheni iCCMA inike izinyunyan­a isitifiket­i sokungenel­a isiteleka.

Okhulumela iDA kwezeMpilo kuzwelonke, uNksz Patricia Kopane, uthe sebebhalel­e uNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi bemtshela ukuthi angenelele ngokushesh­a njengoba kufufusa isiteleka.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uMnuz Joe Maila, uthe abeNHLS basasezing­xoxweni nezinyunya­na. Uthe banethemba lokuthi bazoqhamuk­a nesixazulu­lo esizogwema isiteleka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa