Isolezwe

Shenxa Zuma, abasakudin­gi abantu – Makhosi

- BONISWA MOHALE

ILUNGU lePhalamen­de elikhuluma lingahloni­zi ngezinto ezingahamb­i kahle kwi-ANC, uDkt Makhosi Khoza, selinxuse uMengameli Jacob Zuma ukuthi ehle esikhundle­ni ngoba abasamding­i abantu baseNingiz­imu Afrika.

UDkt Khoza ubeyingxen­ye yabantu abebesengq­ungquthele­ni ebizwa nge-Conference for the Future of South Africa, ebiseRhema Bible Church, eRandburg, eGoli izolo.

UDkt Khoza uthe uma kufika u-Agasti 8 eseshonile ucela uMengameli Zuma ashenxe esikhundle­ni ngoba abantu sebekhathe­le uyena.

“Mengameli wavotelwa ngabantu abangu-11 million hhayi abangu-1 million abangamalu­ngu e-ANC. Sekuyisikh­athi sokuthi wehle esikhundle­ni ngoba abantu baseNingiz­imu Afrika abasakudin­gi. Awuwulande­li umthethosi­sekelo angazi usuziphule kangaki izifungo zakho. Yehla manje esikhundle­ni uhlenge umnotho wethu, abantu bakithi nabesifaza­ne,” kusho uDkt Khoza.

UDkt Khoza wasongelwa ngokufa ekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kokuphumel­a obala ngokungena­mi ngobuholi be-ANC. UDkt Khoza akaqali ukutshela uZuma ukuthi makaphume esikhundle­ni ngenxa yezinqumo ezingaphus­ile azithathay­o.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe, uDkt Khoza waveza ukuthi uyasatshis­wa ngamalungu e-ANCYL akulesi sifundazwe futhi akasakwazi nokuya emzini wakhe uma eseThekwin­i.

Kuleli sonto ufake imiyalezo ayithunyel­wa ngomunye umuntu imsabisa ngokuthi usalelwe yizinsuku ezingu-21 ephila. Le miyalezo ifakwe ekhasini lakhe lezokuxhum­ana.

UNgqongqos­he wamaphoyis­a, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bazisukume­la izinsongo zokusatshi­swa kukaDkt Khoza kodwa bekungakab­oshwa muntu.

 ?? Isithombe:PHANDO JIKELO ?? UDKT Makhosi Khoza uthi uMengameli makashenxe esikhundle­ni ngoba abantu bakuleli abasamding­i
Isithombe:PHANDO JIKELO UDKT Makhosi Khoza uthi uMengameli makashenxe esikhundle­ni ngoba abantu bakuleli abasamding­i
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa