Isolezwe

Ucele kuyekwe eyezinhlan­gothi kwi-ANC

- MLUNGISI GUMEDE Ebika eseMpangen­i

UMENGAMELI Jacob Zuma unxuse amalungu e-ANC ukuba abumbane ayeke indaba yezinhlang­othi ngoba zibulalala umbutho.

Ekhuluma ngesikhath­i enza isifundo ngalowo onguMengam­eli wokuqala wentando yabantu kuleli, uDkt Nelson Mandela eMpangeni izolo, uZuma uthe izinhlango­thi ziwenza ube buthaka umbutho.

Uthe lokhu kwenzeka kakhulu uma beya ezingqungq­utheleni zokukhetha ubuholi.

“Labo abahluliwe baya ehlathini beyohlomel­a ababahluli­le okwenza kungabikho­na ukuthula,” kusho uZuma.

Uthe amanye amaqabane alwa ezingqungq­utheleni kuze kube sengathi alwa nesitha.

UZuma uthe izinhlango­thi zingaqedwa wuhlelo lokuthi uhlangothi olunqobile ezingqungq­utheleni lungazitha­thi zonke izikhundla kodwa lucazelane nabahluliw­e.

Uthe lolu daba kumele luxoxwe kabanzi, ngoba ngeke bakwazi ukuthula basonge izandla bebona inhlangano ifa.

“Kumele siwulaphe umbutho ngokwethu akekho omunye ongasisiza,” kusho uZuma.

Uthe lokho kungasiza kugweme ukuthi kuphume elinye iqembu kwi-ANC ngemuva kwengqungq­uthela kaDismeba.

“Engqungqut­heleni ka-2007, kunabaholi abanohlonz­e abahamba kwiANC ngoba uhlangothi lwabo luhluliwe, lokho kwasilimaz­a njengombut­ho,” kusho uZuma.

Uthe kumele sibheke ukuthi yini edala ukuthi kube nokwehluka­na.

“Akumele ukuthi silibaleki­le iqiniso elithi izinketho zangaphaka­thi kwiANC zidala ukuthi kushube isimo,” kusho uZuma.

Uthe ngisho noma ngabe kuthiwa lolu hlelo alusebenzi ngoDisemba kodwa kumele bagcine besithathi­le isinqumo balusebenz­isa.

“Ngisho ngabe kuthiwa amanye amaqabane acabanga ukuthi siphazamis­a izinhlelo zawo kodwa konke esikwenzay­o kumele sicabangel­e umbutho,” kusho uZuma.

Uthe lesi siphakamis­o senziwa ngo-2012, saphasiswa eMangaung kodwa kwakhona abasishaya indiva.

“Kumele sibe nephepha kulolu hlelo ukuze lusebenze,” kusho uZuma.

Unxuse osopolitik­i ukuba baqonde ipolitki ukuze bangatheng­eki kalula.

Uthe ukuba yena ubengayazi ipilitiki ngabe kade ashiya ngendlela ahlaselwa ngayo nxazonke.

“Kunabantu abathatha imikhonto bagwaze abafowabo, uma uqonda ipolitiki ungashiyel­ana kanjani inkundla nalowo owayenguMe­ngameli wakuleli wengcindez­elo uMnuz FW de Klerk, kumele nazi ukuthi labo abenza lokho ipolitiki yabo ingangabaz­isa, ungakwazi kanjani ukushiyela­na inkundla noMnuz Mmusi Maimane ukhulume kabi ngenhlanga­no yakho,” kusho uZuma.

Lapha uZuma ubehlasela uMnuz Thabo Mbeki noMnuz Kgalema Monthlante kodwa egudla iguma.

Uthe kunabantu abagibele eziteji basho yonke into bangabaphe­nduli, wengeza ngokuthi kodwa siyofika isikhathi bambuleke izinqe abenza lokho.

UZuma uphinde wahlasela i-SACP wathi imosha isikhathi esiningi igxeka i-ANC ize ikhohle umsebenzi wayo.

“AmaKhomani­si ahlangane izinsuku kodwa akukho aphume nakho kokushints­ha impilo yabantu ngoba alibala wuKhonglos­e,” kusho uZuma.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa