Sebeyalilahla ithemba ngowaduka
USUQALA ukulahla ithemba umndeni wowesifazane waKwaDlangezwa, osekuphele inyanga aduka eya e-University of Zululand, Ongoye.
UNksz Mbali Gumede (22) owayesanda kuthweswa iziqu zeCorrectional Studies, kusolwa ukuthi wathathwa yimoto esitobhini ephikelele kulesi sikhungo.
Udadewabo uNksz Tobo Mthembu uthe isimo sesinzima ekhaya, ikakhulukazi kunina.
“Emasontweni amabili edlule sabikelwa ukuthi kunesidumbu sowesifazane esitholakale eJozini. Umama waya khona namaphoyisa ngoba umphakathi wangakhona wawungamazi lo wesifazane. Umama uhambele ubala ngoba kutholakale ukuthi akuyena udadewethu.”
Uthe kunzima ukuyikhohlwa le ndaba yokuduka kukadadewabo njengoba kungacaci ukuthi washonaphi. Uveze ukuthi sebebheke ezibhedlela nasemakhazeni kodwa akubonakali lutho.
“Siyaxhumana namaphoyisa kodwa nawo awawutholi umkhondo. AbasoNgoye bake bazame ukusisiza, besesha nakothisha ayezobonana nabo kodwa kuvela ukuthi akutholakali okungasiza,” kusho uNksz Mthembu.
UNksz Gumede wanyamalala ngoJuni 5 eya Ongoye. Udadewabo uthe wamshayela ucingo emizuzwini engu-15 ehambile ekhaya ngoba efuna ukumphathisa okuthize. Wathola ukuthi ucingo lwakhe seluvaliwe.
Abambona esitobhini uMbali bathi wakhala ngokuthi kunemoto ebovu angayazi, obeyishayela obemphakamisela isandla emqhweba. Umndeni wazama nokuxhumana noyise wengane yakhe eneminyaka emibili, okuthiwa naye akamazi.
Kuthiwa umphakathi wakuleya ndawo uphila ngokucela ukugitsheliswa ezimotweni ezincane ngoba awekho amatekisi alayisha kuN2.
UNksz Gumede kuthiwa wayeya enyuvesi eyolungisa amaphepha okufaka isicelo emsebenzini okwakuphume kuwo izikhala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Thulani Zwane, uthe uMbali akakatholakali, kusaphenywa.
Uthe abanolwazi ngokunyamalala kwakhe abaxhumane namaphoyisa aseMthunzini ku-035 340 9820 noma kwaCrime Stop kwethi: 08600 10111.