Isolezwe

Sebeyalila­hla ithemba ngowaduka

- ZANELE MTHETHWA

USUQALA ukulahla ithemba umndeni wowesifaza­ne waKwaDlang­ezwa, osekuphele inyanga aduka eya e-University of Zululand, Ongoye.

UNksz Mbali Gumede (22) owayesanda kuthweswa iziqu zeCorrecti­onal Studies, kusolwa ukuthi wathathwa yimoto esitobhini ephikelele kulesi sikhungo.

Udadewabo uNksz Tobo Mthembu uthe isimo sesinzima ekhaya, ikakhuluka­zi kunina.

“Emasontwen­i amabili edlule sabikelwa ukuthi kunesidumb­u sowesifaza­ne esitholaka­le eJozini. Umama waya khona namaphoyis­a ngoba umphakathi wangakhona wawungamaz­i lo wesifazane. Umama uhambele ubala ngoba kutholakal­e ukuthi akuyena udadewethu.”

Uthe kunzima ukuyikhohl­wa le ndaba yokuduka kukadadewa­bo njengoba kungacaci ukuthi washonaphi. Uveze ukuthi sebebheke ezibhedlel­a nasemakhaz­eni kodwa akubonakal­i lutho.

“Siyaxhuman­a namaphoyis­a kodwa nawo awawutholi umkhondo. AbasoNgoye bake bazame ukusisiza, besesha nakothisha ayezobonan­a nabo kodwa kuvela ukuthi akutholaka­li okungasiza,” kusho uNksz Mthembu.

UNksz Gumede wanyamalal­a ngoJuni 5 eya Ongoye. Udadewabo uthe wamshayela ucingo emizuzwini engu-15 ehambile ekhaya ngoba efuna ukumphathi­sa okuthize. Wathola ukuthi ucingo lwakhe seluvaliwe.

Abambona esitobhini uMbali bathi wakhala ngokuthi kunemoto ebovu angayazi, obeyishaye­la obemphakam­isela isandla emqhweba. Umndeni wazama nokuxhuman­a noyise wengane yakhe eneminyaka emibili, okuthiwa naye akamazi.

Kuthiwa umphakathi wakuleya ndawo uphila ngokucela ukugitshel­iswa ezimotweni ezincane ngoba awekho amatekisi alayisha kuN2.

UNksz Gumede kuthiwa wayeya enyuvesi eyolungisa amaphepha okufaka isicelo emsebenzin­i okwakuphum­e kuwo izikhala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Thulani Zwane, uthe uMbali akakathola­kali, kusaphenyw­a.

Uthe abanolwazi ngokunyama­lala kwakhe abaxhumane namaphoyis­a aseMthunzi­ni ku-035 340 9820 noma kwaCrime Stop kwethi: 08600 10111.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa