Isolezwe

Ukuthatha ama-selfie ushayela kwandisa izingozi zomgwaqo

- ZANELE MTHETHWA

UMKHUBA wokuzishut­ha obizwa ngokuthath­a i-selfie, usungene kwelinye izinga njengoba kuthiwa baningi abawenza beshayela. Lokhu kudala ukwanda kwamathuba ezingozi emgwaqweni, okubeka engcupheni abaningi.

UNkk Mande Toubkin oyimenenja yezimo eziphuthum­ayo kwaNetcare, uthe ukususa amehlo emgwaqweni isikhashan­a kungadala omkhulu umonakalo. Uthe njengoba bekulokhu kukhuzwa umkhuba wokubhala ushayela, kwedlulele ukuthatha ama-selfie.

“Uma umgwaqo uphithizel­a kudingeka wonke umuntu aqaphele. Imizuzwana yokushutha isithombe noma i-video, ingadala omkhulu umonakalo. Abantu abajwayele lo mkhuba kumele bazi ukuthi ababeki kuphela impilo yabo engcupheni kodwa neyabanye.”

UNkk Toubkin uthe yize ziningi izingozi ezidalwa amaselfie, abathintek­ayo abafuni ukuvuma iphutha. Uthe ucwaningo olwenziwa ngongoti kwezobuchw­epheshe, kuvela ukuthi bangu-73 emhlabeni abashone ezinyangen­i eziyisishi­yagalombil­i zokuqala konyaka odlule ngenxa yomkhuba wama-selfie. “Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi zenyuke ngo-1 120 kwabashone kuleli ngo-2016. Uma ubheka ukuthi bangakanan­i abalibala wukusebenz­isa amaselula emgwaqweni, kuyakhombi­sa ukuthi anomthelel­a ezingozini. Abanye uma bebambezel­eke kwisiminya­minya, bazishutha ngamaselul­a noma bashuthe izigameko emgwaqweni. Umkhuba wama-selfie uyingozi ngaphezu kwalokhu esikucaban­gayo,” kusho uNkk Toubkin.

NgoMay 2015 intombazan­yana yaseRome eneminyaka engu-18 u-Anna Ursu, kuthiwa yabanjwa ugesi izama ukushutha i-selfie isokhakhay­ini lwesitimel­a.

Kwesinye isigameko usomabhizi­nisi waseChina uMnuz Jia Lijun, washona ezama ukuzishuth­a nezilwane esiqiwini ezigciine zimhlasele. Kuthiwa wayefuna ukukhombis­a abangani bakhe kuFacebook.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SHUTTERSTO­CK ?? UMKHUBA wokuthatha izithombe emgwaqweni kushayelwa kuthiwa unomthelel­a ekudaleken­i kwezingozi
ISITHOMBE: SHUTTERSTO­CK UMKHUBA wokuthatha izithombe emgwaqweni kushayelwa kuthiwa unomthelel­a ekudaleken­i kwezingozi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa