Isolezwe

Ukhiphe enye incwadi yezeluleko

- THEMBA NTSHINGILA

UMA uyimbongi nombhali akumele ugcine ngokucikoz­a nokubhala nje kuphela, kodwa kufanele uqhamuke nezeluleko ezizokwazi ukusiza umphakathi.

Umbono ofana nalona uzwakalisw­a kangcono nguNksz Mbalenhle Xulu (36) wasesiKhal­eni encwadini yakhe i-Undying Spirit of a Woman 3 asanda kuyibhala.

UNksz Xulu oyimbongi, uphinde abe ngumbhali wezincwadi. Ngaphandle kokubhala, usebenza ngokugcwel­e kwaSouth African Revenue Services (SARS) eThekwini.

Ngaphandle kwale ncwadi useke washicilel­a ezinye ezimbili, okuyi-Undying Spirit of a Woman 1 & 2.

Kule ncwadi yakhe asanda kuyikhipha, ugxile kakhulu kwizinsele­lo abantu besifazane abahlangab­ezana nazo empilweni lapho bekhulisa khona izingane bebodwa ngaphandle kobaba bazo.

“Nginikeza abantu abagulayo nabasesime­ni sokuzibula­la ithemba lokuthi impilo ayipheleli kuleyo nto ebuhlungu umuntu esuke imkhathaza okwangales­o sikhathi,” kusho yena.

Uthe ngenxa yokuthola ukukhuthaz­wa okukhulu okuvela emphakathi­ni emva kokuthi ebhale ezinye zezincwadi zakhe zaphambili­ni, yikho okumnike ufuqufuqu nokuholele ekutheni aqhamuke nalena entsha.

Okunye okuhlukile ngencwadi yakhe entsha, uthe wenze ucwaningo olugxile ezintweni ezenzeka kwabesifaz­ane lapho bezithola bengqubuza­na khona nabasemzin­i, izinto ezithinta inkolo nokunye okuningi. “Ngiphinde ngichaze kabanzi ngezinto zamasiko nezithinta intsha njengo Juni 16,” kusho yena. Uthando lokubhala uthi lwaqala ngezinto ezenzeka kuyena kwagcina sekwenabel­e nasezintwe­ni ezenzeka emphakathi­ni.

“Ngaqala ukubhala ngezinto ezithinta umphakathi uma kuyiWorld Aids Day.

“Kuthe ngo-2012 ngabhala incwadi yokuqala eyashicile­lwa. Emva kwalokho angiphinda­nga ngabheka emuva.”

Ukhuthaze ababhali abasafisa ukungena kule ndima ukuthi balandele izifiso zabo ngoba kuyenzeka kwesinye isikhathi abazali emakhaya babone sengathi ukubhala akuwona umsebenzi.

Uthe umuntu angaphila ngokubhala izincwadi, inqobo nje uma ezothola ukwesekwa. Incwadi yakhe entsha uthe iyatholaka­la ezitolo ezidayisa izincwadi. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Mbalenhle Xulu ongumbhali wezincwadi nosonkondl­o
Isithombe:SITHUNYELW­E UNKSZ Mbalenhle Xulu ongumbhali wezincwadi nosonkondl­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa