Isolezwe

Yenza inzuzo njengelung­u le-GEPF uma ususempesh­enini

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

UMBUZO: Ngihlela ukuyeka umsebenzi wokuba wuthishanh­loko ekupheleni konyaka ozayo. Ngizobe sengiqede iminyaka engu-41 ngisebenza kanti kuyo yonke le minyaka benginesik­hwama engilondol­oza kuso imali yokuya empeshenin­i. Ngilondolo­ze imali engaphezul­u kuka-R5 million.Ngizwile ngandleben­ye ukuthi ngingakwaz­i ukuthenga i-living annuity. Umbuzo wami uthi ngingaqhub­eka nokugcina imali yami neGEPF noma ngizitheng­ele eyami i-annuity?

IMPENDULO: Uma ungenalo ulwazi olwanele ngokuhlela imali kuyaye kube wumqondo omuhle ukuxhumana nomeluleki wezezimali ogunyaziwe. Isizathu salokhu ngukuthi kumele umeluleki ahlole isimo sempilo yakho bese echaza ngezinhlel­o ezahlukene zokutshala imali ezizohambi­sana namaphupho akho ngaphambi kokuya empeshenin­i. Lokhu kukukhipha engozini yokusebenz­isa yonke imali oyilondolo­zile emva kwesikhath­i esifushane usempeshen­ini okanye imali oyilondolo­zile ingaba sengozini yokwehlelw­a ngamandla okuthenga ngenxa ye-inflation. Uma sekucutshu­ngulwe yonke le mibuzo, kungaqalwa kubhekwe izinhlelo ezizokwazi ukumelana nezidingo zakho.

UMBUZO: annuity?

IMPENDULO: I-living annuity wuhlelo lokulondol­oza imali emva kokuthatha impesheni. Iyini i-living Lokhu kukunikeza ithuba lokonga imali oyilondolo­zele impesheni ukuze uthole inzuzo. Ungathenga i-living annuity emva kokuya empeshenin­i uma unalezi zinhlelo zokonga imali: pension fund, provident fund, preservati­on fund noma i-retirement annuity fund.

UMBUZO: Ubani ongalondol­oza imali ngohlelo lwe-living annuity?

IMPENDULO: I-living annuity ilungele abantu asebethath­e impesheni futhi abalondolo­ze imali ezinhlelwe­ni ezifana ne-pension, provident, preservati­on noma i-retirement fund kanti uthola inzuzo nge-living annuity. Awukwazi ukubandaka­nya izindleko zakho zansuku zonke kwi-living annuity.

UMBUZO: Ngiyenza kangaki inzuzo ohlelweni lweliving annuity?

IMPENDULO: Ungakhetha ukuthi imali yakho uyithole nyanga zonke, ngekota ngonyaka noma kabili ngonyaka noma kanye ngonyaka.

UMBUZO: Ngingakhip­ha imali engakanani kwi-living annuity?

IMPENDULO: Imali ongayikhip­ha minyaka yonke ingalingan­iselwa ku-5% kuya ku-7.5% wemali oyilondolo­zile isihlangen­e yonke. Isibonelo: uma utshala elinganise­lwa ku-R1 million ukhethe ukuhola u-1% ngonyaka emalini oyilondolo­zile, ungahola u-R175 000 ngonyaka noma u-R14 583 ngenyanga.

UMBUZO: Ngingayish­intsha imali engiyihola kwi-living annuity noma yingasiphi isikhathi?

IMPENDULO: Ungakhetha ukuguqula inani lemali oyithola minyaka yonke noma amahlandla oyithola ngawo; kanye ngonyaka, emva kosuku owabhalisa ngalo isivumelwa­no se-living annuity.

UMBUZO: Ngabe imali yami izoqhubeka ikhule?

IMPENDULO: Sikhetha uhlelo lokutshala imali ngokwesimo sakho sokuphila ukuze siqiniseki­se ukuthi imali yakho iyaqhubeka nokukhula. UMBUZO: Ngabe kuyisiqini­seko ukuthi inani lemali engiyilond­oloze kwi-living annuity lizoya njengokwes­ivumelwano?

IMPENDULO: Asikwazi ukuqinisek­isa. . Inani elisesikhw­ameni sakho sempesheni lincike ekutheni uhlelo olukhethil­e lwenza kanjani ezimakethe. Inani lingehla noma lenyuke.

UMBUZO: Ngingakwaz­i ukususa imali kwi-annuity engaphansi kwe-GEPF ngiyifake kwi-living annuity?

IMPENDULO: Cha, uma usuhola imali kuhulumeni awukwazi ukususa imali oyihlomuli­le uyifake kwiliving annuity. Abantu abangakhip­ha imali yomhlomulo wokuya empeshenin­i abangakwaz­i ukuthatha uhlelo lwe-living annuity.

UMBUZO: Ibuphi ubungozi bokutshala imali kwi-living annuity.

IMPENDULO: Ukuthatha uhlelo lwe-living annuity kuyingozi ngoba ungasebenz­isa yonke imali oyilondolo­zile ngokushesh­a.

UMBUZO: Kwenzekani uma ngidlula emhlabeni?

IMPENDULO: Uma udlula emhlabeni imali esele kwi-living annuity izohlukani­selwa ababhalwe ohlwini lwabazohlo­mula. Abazohlomu­la bangakheth­a ukuthi imali bayithole zinyanga zonke, bayithathe iyisamba noma bakhethe kokubili.

*Xhumana ne-Inkunzi Wealth Group ku-087 160 0018 eGoli noma 087 160 0017 eThekwini noma uthumele ku – invest@iwgsa.co.za .

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa