Isolezwe

IDundee July ingagcina isifana neVodacom July?

-

KUYAJABULI­SA ukudlondlo­bala komjaho wamahhashi iDundee July selokhu wasungulwa eminyakeni eyadlula. Indlela umjaho osudlondlo­bele ngayo seyenze iDundee nezinye izindawo eyakhelene nazo kuvuke kuzithinti­the.

Umjaho iDundee July, eba khona minyaka yonke, uza nesasasa elikhulu ngenxa yokuthi uhambisana nezokuvaka­sha nengqephu.

Nemiklomel­o esitholaka­la khona iyakhuthaz­a impela ngoba isho ukuthi bonke abantu abanamahas­hi endaweni namaphethe­lo, ngeke besawasebe­nzisela ukwenza ezinye izidingo abesetshen­ziselwa zona kuphela ungakabi khona umjaho kodwa asezophind­e futhi asetshenzi­selwe ukujaha. Lokhu kuchaza ukukhula kwezokuvak­asha, amathuba emisebenzi, ukuqala kwamabhizi­nisi namanye amathuba angcono.

IDundee namaphethe­lo ithathwa njengedolo­bha elincane umnotho walo odonsa kanzima.

Kuyajabuli­sa ukubona imicimbi yalolu hlobo eyenza ukuthi kuhlomule abantu bakithi abamnyama. Abanikazi bamahhashi agabadula kwiDundee ngabantu bakithi abamnyama.

Kuyajabuli­sa futhi ukungenele­la kukahulume­ni ngokweseka umjaho. Sethemba ukuthi nabanye osomabhizi­nisi bazolifaka igxalaba.

Kwazi bani, hleze kungagcina nakhona eDundee sekunomjah­o osezingeni le-Vodacom July okungumjah­o omkhulu obase Thekwini?

Kuyokhutha­za futhi ukuzwa izinto ezazikhulu­nywa oNdunankul­u baphambili­ni baKwaZulu-Natal bethi bafuna ukuvuselel­a umnotho wamadolobh­a amancane okuhlangan­isa nowaseDund­ee.

Kakade intuthuko yalolu hlobo yiyona edingekayo emphakathi­ni. Uma kunezinto ezikhuthaz­a inhlalakah­le ngalolu hlobo emphakathi­ni, abekho abantu abangahlal­e becabangan­a nokwenza izinto eziphamben­e.

Kungakuhle kwande neminye futhi imidlalo abantu abazohlang­anyela kuyo ngokuzithu­thukisa ngoba sekubonake­le ukuthi bakhona abantu emphakathi­ni abafisayo ukuzithuth­ukisa, kuphela nje uma benikezwe amathuba okukwenza lokho.

Ukwanda kwemicimbi yalolu hlobo emphakathi­ni kusho ukwanda kokuthula, ukusebenzi­sana nokuthuthu­ka emphakathi­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa