Isolezwe

Asishiyele izingane zethu izwe elingcono

-

MHLELI:Izwe esiphila kulo liyingozi. Ubungozi balo abudalwa nje abantu abenza okubi kepha ukuthula nokungenzi lutho kwalabo abathathwa njengabenz­a okuhle. Lokhu kusho nqgo isimo esibhekene naso eNingizimu Afrika njengamanj­e.

Izwe lethu ligcwele ubugebengu. Liyanuka phu yinkohlaka­lo. Abantu esiphila nabo banezifo ezehlukahl­ukene. Wonke umuntu ulindele kube woseceleni kwakhe osukumayo. Yiloyo naloyo uyazihlang­ula, uthi akudokwe ligayelwe mina leli. Labo abambalwa abanesibin­di sokuzama ukwenza okanye ukusho okuthile bephikisan­a nobubi kuba yibo ababi. Isibonelo nje nguDokotel­a Makhosi Khoza (osesithomb­eni) osenyamana­mbana eqenjini elibusayo i-ANC.

Lokhu kungenxa yokuphumel­a kwakhe obala aphikisane nenkohlaka­lo kanye nobunye ububi beqembu elibusayo. Kuyamangaz­a ukuqaphela ukuthi umphakathi usukumukel­e okubi. Sesize safika ezingeni lapho inkohlakal­o kuyinto engasethus­i kepha kunalokho sesexwaya labo abazama ukulungisa isimo.

Ukuze siphume enkingeni esikuyo njengezwe sidinga ubuholi obuqotho. Ubuholi obuzokwazi ukumela iqiniso noma ngabe bambalwa kangakanan­i abakholelw­a kulo. Abantu abazoba nesibindi sokuma basho izinto abaningi abasabayo ukuzizwa. Siphelile isikhathi sabaholi abakhuluma lokho okuthandwa yiningi. Uma ngikhuluma ngobuholi angikhulum­i nje ngabantu abanezikhu­ndla. Eqinisweni akusona isikhundla esikwenza umholi kepha kodwa yizenzo zakho. Ngikhuluma ngabantu abanombono nokulubalu­bela ukubona iNingizimu Afrika egcono kunale esiphila kuyo.

Sidinga ukuthatha ukwehlukan­a kwethu ngokwepoli­tiki sikubeke eceleni, ukwehlukan­a ngokwenkol­o sikubeke ethala sibumbane silwe nesihlava esidla izwe lethu elihle kangaka. Kudinga sishiyele izingane nezizukulw­ane zethu izwe elingcono kunalokho eliyikho manje. Asingavume­li ukuba umlando usahlulele kabi njengabant­u elafa ngesikhath­i sabo izwe. Sihle Siyabonga Ngidi AVOCA HILLS

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa