IDundee July ingagcina isifana neVodacom July?
KUYAJABULISA ukudlondlobala komjaho wamahhashi iDundee July selokhu wasungulwa eminyakeni eyadlula. Indlela umjaho osudlondlobele ngayo seyenze iDundee nezinye izindawo eyakhelene nazo kuvuke kuzithintithe.
Umjaho iDundee July, eba khona minyaka yonke, uza nesasasa elikhulu ngenxa yokuthi uhambisana nezokuvakasha nengqephu.
Nemiklomelo esitholakala khona iyakhuthaza impela ngoba isho ukuthi bonke abantu abanamahashi endaweni namaphethelo, ngeke besawasebenzisela ukwenza ezinye izidingo abesetshenziselwa zona kuphela ungakabi khona umjaho kodwa asezophinde futhi asetshenziselwe ukujaha. Lokhu kuchaza ukukhula kwezokuvakasha, amathuba emisebenzi, ukuqala kwamabhizinisi namanye amathuba angcono.
IDundee namaphethelo ithathwa njengedolobha elincane umnotho walo odonsa kanzima.
Kuyajabulisa ukubona imicimbi yalolu hlobo eyenza ukuthi kuhlomule abantu bakithi abamnyama. Abanikazi bamahhashi agabadula kwiDundee ngabantu bakithi abamnyama.
Kuyajabulisa futhi ukungenelela kukahulumeni ngokweseka umjaho. Sethemba ukuthi nabanye osomabhizinisi bazolifaka igxalaba.
Kwazi bani, hleze kungagcina nakhona eDundee sekunomjaho osezingeni le-Vodacom July okungumjaho omkhulu obase Thekwini?
Kuyokhuthaza futhi ukuzwa izinto ezazikhulunywa oNdunankulu baphambilini baKwaZulu-Natal bethi bafuna ukuvuselela umnotho wamadolobha amancane okuhlanganisa nowaseDundee.
Kakade intuthuko yalolu hlobo yiyona edingekayo emphakathini. Uma kunezinto ezikhuthaza inhlalakahle ngalolu hlobo emphakathini, abekho abantu abangahlale becabangana nokwenza izinto eziphambene.
Kungakuhle kwande neminye futhi imidlalo abantu abazohlanganyela kuyo ngokuzithuthukisa ngoba sekubonakele ukuthi bakhona abantu emphakathini abafisayo ukuzithuthukisa, kuphela nje uma benikezwe amathuba okukwenza lokho.
Ukwanda kwemicimbi yalolu hlobo emphakathini kusho ukwanda kokuthula, ukusebenzisana nokuthuthuka emphakathini.