Ukuthatha ama-selfie ushayela kwandisa izingozi zomgwaqo
UMKHUBA wokuzishutha obizwa ngokuthatha i-selfie, usungene kwelinye izinga njengoba kuthiwa baningi abawenza beshayela. Lokhu kudala ukwanda kwamathuba ezingozi emgwaqweni, okubeka engcupheni abaningi.
UNkk Mande Toubkin oyimenenja yezimo eziphuthumayo kwaNetcare, uthe ukususa amehlo emgwaqweni isikhashana kungadala omkhulu umonakalo. Uthe njengoba bekulokhu kukhuzwa umkhuba wokubhala ushayela, kwedlulele ukuthatha ama-selfie.
“Uma umgwaqo uphithizela kudingeka wonke umuntu aqaphele. Imizuzwana yokushutha isithombe noma i-video, ingadala omkhulu umonakalo. Abantu abajwayele lo mkhuba kumele bazi ukuthi ababeki kuphela impilo yabo engcupheni kodwa neyabanye.”
UNkk Toubkin uthe yize ziningi izingozi ezidalwa amaselfie, abathintekayo abafuni ukuvuma iphutha. Uthe ucwaningo olwenziwa ngongoti kwezobuchwepheshe, kuvela ukuthi bangu-73 emhlabeni abashone ezinyangeni eziyisishiyagalombili zokuqala konyaka odlule ngenxa yomkhuba wama-selfie. “Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi zenyuke ngo-1 120 kwabashone kuleli ngo-2016. Uma ubheka ukuthi bangakanani abalibala wukusebenzisa amaselula emgwaqweni, kuyakhombisa ukuthi anomthelela ezingozini. Abanye uma bebambezeleke kwisiminyaminya, bazishutha ngamaselula noma bashuthe izigameko emgwaqweni. Umkhuba wama-selfie uyingozi ngaphezu kwalokhu esikucabangayo,” kusho uNkk Toubkin.
NgoMay 2015 intombazanyana yaseRome eneminyaka engu-18 u-Anna Ursu, kuthiwa yabanjwa ugesi izama ukushutha i-selfie isokhakhayini lwesitimela.
Kwesinye isigameko usomabhizinisi waseChina uMnuz Jia Lijun, washona ezama ukuzishutha nezilwane esiqiwini ezigciine zimhlasele. Kuthiwa wayefuna ukukhombisa abangani bakhe kuFacebook.