Ziyaqina ezokuphepha emicimbini
SEZAPHELA izinsuku lapho bekuqashwa ibhasi, kuphume nesinedolo uma kushadwa, kodwa seziqina kakhulu ezokuphepha ukugwema ukugcwala.
Akuyona imishado kuphela osekuqinisekiswa ukuthi kufika abamenyiwe kuphela kodwa nasemicimbini eminingi, ikakhulukazi eyenziwa ezindaweni zomntakabani emadolobheni. Muva nje ubusematheni umcimbi wokumbeswa kukasaziwayo uMinnie Dlamini, obuseDurban North. Bekukhalwa ngezokuphepha kulo mcimbi okuthiwa bekuvale onogada ababalelwa ku-20 esangweni. Lokhu bekwenza ukuthi ungakwazi nokuthatha amashansi uma ungesona isimenywa. Ngisho abamenyiwe kuthiwa badonswe ngendlebe ukuthi bangazishuthi izithombe zosingaye, ingasaphathwa eyokuzisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana. Kuvele ukuthi ukudayisa amalungelo okusakazwa komshado kukaMinnie ohlelweni lwethelevishini, yikho okwenze ukuthi nasemembesweni kwaliwe ukhasha kwabazozama ukushutha. UMinnie kulindeleke ukuthi ashade maduze noMnuz Quinton Jones. Ngaphandle kokudayisa amalungelo omshado wakhe, kuthiwa uJones akuyena umuntu othanda ukugqama emphakathini njengoba kwathatha isikhathi sokuthi uMinnie amveze.
Kwaba yisimo esifanayo nasemshadweni kaMnuz Bheki Cele oyiPhini likaNgqongqoshe wezoLimo, Amahlathi nokuDoba ngesikhathi kunomshado wakhe noNkk Thembeka Cele. Umshado wabo wawukwenye yezindawo zomtakabani eSouth Coast, Pennington uCele esenguMkhuzi wamaPhoyisa kuleli. Ngisho izintatheli zaba nenkinga ukungena emshadweni nakhona kuvimbe onogada esangweni.
UNksz Thandeka Ngcobo ongumhleli wemishado we-Afulele Group, uthe ziningi izizathu ezenza abantu baqinise isandla emicimbini yabo.
“Akubona osaziwayo kuphela abashaya imithetho emicimbini yabo. Wonke umuntu uyakwenza ukugwema abantu abaningi, ikakhulukazi emshadweni. Izindawo okushadelwa kuzo manje ziyabiza futhi zifuna kube nesibalo esithize sabantu. Uma weqisile esibalweni usuke usuphule umthetho, kudingeke ukhokhe nangaphezulu,” uchaze kanje.
UNksz Ngcobo uthe ukugwema izimenywa eziningi kuqala ngesikhathi kusakhishwa izimemo, abanye bakugcizelele ukuthi ubike uma uzofika. Uthe ngisho seziphumile izimemo, kwenziwa uhlu lwazo ukuze umuntu azethule ngaphambi kokungena emcimbini.
Mayelana nokunqabela ukuthi izimenywa zishuthe umcimbi, uthe abashadayo basuke befuna umcimbi wabo ungasabalali.
“Kunabantu abangafuni ukuthi kusabalale izithombe zomcimbi wabo ezinkundleni zokuxhumana. Kwesinye isikhathi nabo basuke bengakazisabalalisi izithombe, ubone sezigcwele ezinkundleni zokuxhumana. Emcimbini kusuke kuqashwe umthwebuli, naye ongeke athande ukubona izithombe sezisatshalaliswe yiwo wonke umuntu.”
UNksz Zanele Mkhize weNdabuko Enterprises eThekwini, uthe uma beqashelwe ukuzokwenza umcimbi basuke bevumelene ngemali nabanikazi bomcimbi. Leyo mali isuselwa ekutheni zingaki izimenywa.
“Lokhu kwenza umsebenzi wethu njengabahleli bomcimbi ube lula. Abanikazi bomcimbi basuke bengabafuni abantu abangagcina bephazamisa. Kubukeka kabi sekweqe isibalo, abanye sebengasenayo nendawo yokuhlala. Ngenxa yokuthi siyabazi abantu, kuyenzeka sicuphe ngamapuleti uma kwenzeka kweqa isibalo kodwa kuyasiphazamisa,” kusho uNksz Mkhize.