Ukhiphe enye incwadi yezeluleko
UMA uyimbongi nombhali akumele ugcine ngokucikoza nokubhala nje kuphela, kodwa kufanele uqhamuke nezeluleko ezizokwazi ukusiza umphakathi.
Umbono ofana nalona uzwakaliswa kangcono nguNksz Mbalenhle Xulu (36) wasesiKhaleni encwadini yakhe i-Undying Spirit of a Woman 3 asanda kuyibhala.
UNksz Xulu oyimbongi, uphinde abe ngumbhali wezincwadi. Ngaphandle kokubhala, usebenza ngokugcwele kwaSouth African Revenue Services (SARS) eThekwini.
Ngaphandle kwale ncwadi useke washicilela ezinye ezimbili, okuyi-Undying Spirit of a Woman 1 & 2.
Kule ncwadi yakhe asanda kuyikhipha, ugxile kakhulu kwizinselelo abantu besifazane abahlangabezana nazo empilweni lapho bekhulisa khona izingane bebodwa ngaphandle kobaba bazo.
“Nginikeza abantu abagulayo nabasesimeni sokuzibulala ithemba lokuthi impilo ayipheleli kuleyo nto ebuhlungu umuntu esuke imkhathaza okwangaleso sikhathi,” kusho yena.
Uthe ngenxa yokuthola ukukhuthazwa okukhulu okuvela emphakathini emva kokuthi ebhale ezinye zezincwadi zakhe zaphambilini, yikho okumnike ufuqufuqu nokuholele ekutheni aqhamuke nalena entsha.
Okunye okuhlukile ngencwadi yakhe entsha, uthe wenze ucwaningo olugxile ezintweni ezenzeka kwabesifazane lapho bezithola bengqubuzana khona nabasemzini, izinto ezithinta inkolo nokunye okuningi. “Ngiphinde ngichaze kabanzi ngezinto zamasiko nezithinta intsha njengo Juni 16,” kusho yena. Uthando lokubhala uthi lwaqala ngezinto ezenzeka kuyena kwagcina sekwenabele nasezintweni ezenzeka emphakathini.
“Ngaqala ukubhala ngezinto ezithinta umphakathi uma kuyiWorld Aids Day.
“Kuthe ngo-2012 ngabhala incwadi yokuqala eyashicilelwa. Emva kwalokho angiphindanga ngabheka emuva.”
Ukhuthaze ababhali abasafisa ukungena kule ndima ukuthi balandele izifiso zabo ngoba kuyenzeka kwesinye isikhathi abazali emakhaya babone sengathi ukubhala akuwona umsebenzi.
Uthe umuntu angaphila ngokubhala izincwadi, inqobo nje uma ezothola ukwesekwa. Incwadi yakhe entsha uthe iyatholakala ezitolo ezidayisa izincwadi. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.