Bazolaxaza izingcingo abe-10111
UMPHAKATHI ozofonela inombolo yamaphoyisa yokubika amacala u-10111 ungase uhlangabezane nembibizane njengoba abasebenzi bakulesi sikhungo beqala isiteleka namhlanje.
Emasontweni amabili edlule abasebenzi bakulesi sikhungo bamashele ehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Fikile Mbalula befuna ukuthi bonke abaqashwe ngaphansi kwePublic Servants Act banyuselwe kuLevel 7 njengabanye abasebenzi abenza umsebenzi ofanayo emnyangweni wezaseKhaya, kwaSassa kwiPresidential Hotline, kwaSars nabeCrime Stop.
Izinyunyana zabasebenzi iSouth African Policing Union (SAPU) neSouth African Federation of Trade Unions (SAFTU) zithi lolu daba zaqala ukuludingida kusenowayenguKhomishana wamaphoyisa uGeneral Ria Phiyega.
USihlalo weSAPU KwaZulu-Natal, uMnuz Bongani Mncwango, uthe ngemuva kwemashi eyayiqondiswe ehhovisi likaMbalula, umqashi uziphendulile izikhalo zabo wathi abasebenzi abangenyukela kuLevel 7 abaneminyaka engu35 kuya phansi ngenxa yokuthi kuzoshintsha umthetho abaqashwe ngaphansi kwawo.
“Izingxoxo zokuzama ukuthi sifinyelele esivumelwaneni mayelana nenqwaba yabasebenzi asebengaphezulu kwale minyaka yehlulekile yingakho sesinqume ukuteleka,” kusho uMncwango.
Uthe uma umqashi engaqhamuki nesinye isiphakamiso ngeke basebenze.
Okhulumela amaphoyisa uMajor Genaral Sally De Beer, uthe lesi siteleka esabasebenzi basesikhungweni sezingcingo, amaphoyisa ngeke aphazamiseke.
“Zikhona izinhlelo ezenziwe zokuthi umphakathi uxhumane namaphoyisa uma ufona.”
Isiteleka sabakwa-10111 silandela isinqumo samaphoyisa ezinja eThekwini sokuduba ukusebenza ngoba ethi ayaboshwa uma kwenzekile izigebengu zalunywa yizinja.
UNkk Nesi Mdletshe, onguNobhala weSAPU esifundazweni, uthe kunamaphoyisa amathathu ophiko lwezinja eShongweni abekhene necala okuthiwa elokusasazela isigebengu. UNkk Mdletshe uthe la maphoyisa awazange anikezwe ummeli wombuso ekubeni umthetho uthi uma amaphoyisa ebhekene necala elenzeke esebenza kumele athole ummeli.
“Uphiko oluphenya amacala amaphoyisa luyabukisa ngala maphoyisa, avulelwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, aphuma ngebheyili kulo aboshelwa elenkohlakalo, kumanje angaphandle ngebheyili. Ephuma enkantolo ngalelo cala aboshelwa ukwesabisa. Kungani la macala engahlanganiswanga uma bekungaqondiwe ukuwahlukumeza?”
La maphoyisa azofaka isicelo sebheyili enkantolo ePinetown ngoJulayi 26.
UMajor-General De Beer uthe udaba lwala maphoyisa usazolucubungula.