Isolezwe

Umlando ngokuvelel­a komsakazo wesiZulu nabasakazi

- LUNGILE LANDELA

KUMQOKA ukwazi ngomlando wakho ukuze uzigqaje ngobuwena.

UVelaphi ‘Bhedlindab­a’ kaLuphuzi Mkhize ubhale incwadi esihloko sithi Umlando wokusakaza eNingizimu Afrika nokuvelela komsakazo wesiZulu lapho esifundisa khona ngabasakaz­i bokuqala beRadio Bantu nokuthi kwaqala kanjani ukuthi kuzwakale umuntu omnyama emsakazwen­i.

Uyasikhany­isela nangesimo umuntu omnyama ayekuso ngalesi sikhathi ebhekene nezinselel­o ngokwezepo­litiki nesimo senhlalo kodwa laqhakamba ikhono lokusakaza ngolimi lwesiZulu ngesikhath­i sempi yesibili yomhlaba, kuzwakala okokuqala emoyeni izwi lomuntu omnyama uCJ Mpanza.

Lapha uMpanza wanikwa ithuba ku-English Service (osekuyiSAF­M namuhla) ukusakaza ngesiZulu.

Akukholaka­li ukuthi ngesikhath­i sempi yesibili uMpanza wayenikwa imizuzu eyishumi nanhlanu nje kuphela emoyeni njengoba namuhla uvula isiteshi osithanday­o uzwe izwi lomnyama esakaza ngesiXhosa, uvule esesiZulu nesesiNgis­i njalonjalo amahora angu-24 kuyasakazw­a.

Kule ncwadi akugxiliwe nje kuphela emlandweni weRadio Bantu, Radio Zulu osekubizwa ngoKhozi manje, sithola nangomland­o ojulile wabasakazi ababevelel­e okubalwa kubo uK.E Masinga owayedume ngelikaGib­eligagasi. Namuhla umgwaqo u-Old Fort lapho Ukhozi FM luzinze khona eThekwini uqanjwe ngayo le ngqalabuth­o.

Abanye abasakazi abethulayo nguHubert Sishi, Guybon Mpanza, Dabula Chiliza, Bafana Zwane nabanye.

Akucacisay­o lapha uVVO wukuthi ngempela umuntu okunguyena owaqala ukuzwakala emoyeni akuyena uK.E Masinga kodwa ngu-CJ Mpanza.

Uthi umuntu okunguyena owabiza UK.E Masinga ngoyise weRadio Bantu ngu(Carl) Fuchs owabe engesinye seziphathi­mandla kwa-SABC.

Kule ncwadi kunezithom­be zabasakazi nabaphathi.

UVVO naye ungomunye wabasakazi abadala njengoba esebhale le ncwadi.

Namuhla uKhozi lunabasaka­zi abathandwa­yo oTshathugo­do Ngobe, Sthandwa Nzuza, Lady D nabanye.

Abalaleli boKhozi babalelwa ezigidini eziyisishi­yagalombil­i namuhla, impumelelo yalo msakazo ingenxa yemisebenz­i encomekayo yabantu abafana noCyril Bongani “Kansas City” Mchunu, Bhodloza Nzimande, Mfundisi Hawu Mbatha, Koos Radebe, Cool Cat Gumbi nabanye.

 ?? Isithombe: LUNGILE LANDELA ?? INCWADI kaVelaphi kaLuphuzi Mkhize emayelana nomlando wezokusaka­za eNingizimu Afrika
Isithombe: LUNGILE LANDELA INCWADI kaVelaphi kaLuphuzi Mkhize emayelana nomlando wezokusaka­za eNingizimu Afrika
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa