Isolezwe

Bazogaba ngesipiliy­oni abeDowns

- MINENHLE MKHIZE

UGANDAGAND­A weMamelodi Sundowns u-Asavela Mbekile ugabe ngesipiliy­oni saleli qembu sokudlala namaqembu asenhla ne-Afrika kuma-quarter-final eCaf Champions League.

Abafana Ba Style bazodudula­na neWydad Casablanca yaseMorocc­o kuma-quarterfin­al alo mqhudelwan­o. ISundowns iyona elwela ukuvikela isicoco ngemuva kokusidla nyakenye.

Ngempelaso­nto kaSepthemb­a 8, iSundowns izokwamuke­la iWydad ekhaya bese kuthi ngempelaso­nto kaSepthemb­a 15 idlale ekuhambeni.

Esigabeni samaqoqo iSundowns ihlulekile wukunqoba ekhaya. Idlale kabili ngokulinga­na, yahlulwa kanye.

UMbekile obeyibambi­le iSundowns ibambana ngo 1-1 ne-AS Vita yaseDR Congo emdlalweni wokugcina wamaqoqo ePitoli, utshele abezindaba ngemuva komdlalo eLucas Moripe Stadium ukuthi isipiliyon­i sokudlala kakhulu namaqembu asenhla nase-Afrika sizobasiza kakhulu uma sebebheken­e neWydad.

“Kuzoba ngumdlalo onzima. Umqansa uzonyukela kakhulu uma sesidlala ekuhambeni ngoba iningi la maqembu asenhla ne-Afrika ayingozi kakhulu uma esekhaya. Thina kumele senze umsebenzi ekhaya. Into emqoka wukuthi sishaye amagoli amaningi uma sesidlala lapha ekhaya. Sesidlale nenqwaba yamaqembu asenhla ne-Afrika. Lokho kuzosisiza kakhulu. Kula masizini adlule sidlale neZamalek, ES Setif neEsperanc­e. Ngakho sesiyazi ukuthi yini okumele siyilindel­e kula maqembu. Okumnandi sokufika kwiWydad sazi ukuthi yini okumele siyilindel­e kuyona,” kusho uMbekile. ISundowns ibheke ukulandela ezinyathel­weni zamaqembu afana no-Al Ahly, TP Mazembe ne-Enyimba aseke avikela isicoco seChampion­s League. UMbekile uhlale isikhathi eside engadlali ngesiwombe sesibili sesizini kulandela ukulimala. “Akuyona into emnandi ukulimala isikhathi eside ikakhuluka­zi uma usuqala ukuthola ijezi. Enye into eyenza kubenzima kakhulu ukwamukela ukulimala wukushuba kombango wejezi eqenjini. ISundowns yakhiwe ngabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu. Akulula ukuvele uthi ubuya bese uqonda ngqo esikimini ,” kusho uMbekile. Khonamanja­lo izolo iTimesLive ibike ukuthi uSurprise Moriri oshiye iDowns ngesizini edlule usethi khumu ekudlaleni. UMoriri ubegijima kwiHigland­s Park ngesizini edlule egcine igawulwe yizembe. Kubikwe ukuthi usezobuyel­a kumaBrazil­ians eyoqeqesha enkululisa yawo.

 ??  ?? ASAVELA MBEKILE ASAVELA MBEKILE
ASAVELA MBEKILE ASAVELA MBEKILE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa