Isolezwe

‘Abanikezwe ithuba abadlali abasha’

- MINENHLE MKHIZE

ISITOBHA seKaizer Chiefs uRamahlwe “Rama” Mphahlele sinxusa abalandeli beqembu ukuthi babanike ithuba abadlali abasha okuhloswe ngabo ukuqinisa iqembu.

UMphahlele cishe nguyena kuphela umdlali ofike kwiChiefs ngesizini edlule wakwazi ukuthi agqame, okufakazel­we yimiklomel­o yomdlali ovelele ayihlomule kuMakhosi ngesizini edlule.

Amagalelo akhe eqenjini yize liqede isizini lingenaso isicoco, afakazelwe nawukuqokw­a kwakhe emunxeni we-Defender of the Season emcimbini wePremier Soccer League (PSL), nokho okugcine kuwine kuwo ukaputeni weBidvest Wits, uThulani Hlatshwayo.

Amakhosi aqinise iqembu ngoPhilani Zulu, Teenage Hadebe noBhongolw­ethu Jayiya. Abanye abalandeli sebeqalile ukukhombis­a ukungeneli­seki ngendlela iChiefs esayine ngayo kule sizini.

Umqeqeshi uSteve Komphela ngempelaso­nto uphinde wakucacisa ukuthi abaqedile ukusayinis­a njengoba bethungath­a isibabuli somgadli esizosizan­a noBernard Parker benoGustav­o Paez.

“Abalandeli kumele babanike ithuba abadlali abasha. Ngeke uthi sisayine kabi noma sisayine kahle. Lokho kuzobonaka­la uma sekuphela isizini. Ngoba abantu bangathi sisayine kabi bese labo badlali bafike benze kahle. Ngakho abanikwe ithuba,” kusho uMphahlele emcimbini wePSL.

Abalandeli beChiefs banethuba lokusheshe bahlole laba badlali abasha uma ezabo sezibheken­e ne-Orlando Pirates koweCarlin­g Black Label Cup ngoJulayi 29 eFNB Stadium, eGoli.

Kulo mqhudelwan­o abalandeli yibona ababophela isikimu. Uma kuwukuthi ababavotel­i ukuqala umdlalo laba badlali, basengakwa­zi ukubaseben­zisa besuka ebhentshin­i ngosuku lomdlalo.

UMphahlele ophambane nezicoco esuka kwiMamelod­i Sundowns esale yadlala iCaf Champions League neSuper Cup, uthe akazisoli ngesinqumo sakhe. Kunalokho akubhekile wukuthi bazithinte nozakwabo kuMakhosi balwele ukwenza kahle ngesizini ka-2016/2017.

“Izinto zenzeka ngesizathu empilweni. ISundowns ngiyayijab­ulela ngempumele­lo yayo. KwiSundown­s nginabanga­ni futhi anginawo nomncane umona ngabakuzuz­ile. Ngidumele ngokungawi­ni lutho neChiefs.

“Ngicabanga ukuthi uma singakwazi ukusebenzi­sa amathuba bese sivala kahle emuva sizoba yiqembu elingcono ngesizini ezayo. Siyakuqond­a ukuthi sibaphoxil­e abalandeli. Ngesizini ezayo sizimisele ngokubuya ngamandla,” kusho uMphahlele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa