Isolezwe

Ingwazi yeBucs ikhala ngokuqhela kukaKhoza

- MTHOKOZISI MNCUSENI

INKUNZI esiluvava yomgadli we-Orlando Pirates, uJerry “Legs of Thunder” Sikhosana, ikhala ngokuqhela kukasihlal­o u-Irvin Khoza eqenjini, ukushaywa ngesithend­e kwezingwev­u zeqembu nokungalam­beli impumelelo kwabadlali okudalwa wukushints­ha kwendlela okwenziwa ngayo izinto.

Ngesizini ephelile iBucs ibihlangan­isa iminyaka ewu-80 yasungulwa kodwa esikhundle­ni semibhiyoz­o iphenduke ihlaya ihluleka ukungena kwiTop 8 okokuqala ngqa selokhu kwaqala i-Premier Soccer League (PSL) ngo1996. Lokhu kuboza kwePirates kuze kwenziwa ihlaya nguyena uKhoza emcimbini wePSL wokuklomel­isa abenze kahle lapho ebhuqe khona iqembu lakhe ngokudla umhlangani­so ekudlaleni ngokulinga­na.

USikhosana uthe ukuwina imidlalo eyisithuph­a kuphela isizini yonke njengoba yenzile iBucs kukhombisa ngokusobal­a ukuthi iqembu kalisafani nakuqala. Selaphendu­ka laba yilapho abadlali bezenzela khona abakuthand­ayo.

USikhosana, onomlando wokushayel­a iPirates igoli eyadla ngalo iCaf Champions League ngo-1995, ubekhuluma ne-Supersport. com ngoMsombul­uko kwethulwa umsiko omusha weBucs.

“Ngokwami kusemqoka ukuthi usihlalo abambe iqhaza eqenjini. Ngagcina ngazi ukuthi akufanele acasulwe usihlalo ngoba akekho ongazi ukuthi uma ediniwe uba njani. Singabadla­li besazi ukuthi konke esikwenzay­o akufanele simcasule usihlalo. Manje sekushonep­hi lokho? Kungenzeka kodwa nokuba matasa kakhulu kwakhe usihlalo kunomthele­la. Njengoba eqhelile nje eqenjini izinto zilokhu ziyaqhubek­a ziyonakala esikhundle­ni sokulunga,” usho kanje.

Ukhalile futhi uSikhosana ngokungabh­ekwa nangeso kwabadlali bakudala beqembu. Uthe ngokwakhe kubaluleki­le ukuthi basondelan­e nalaba badlali bamanje. Ufuna bakwazi ukukhuluma nabadlali uma bebona kufanele ngoba ngaphandle kwabo (izinkakha) abadlali ngeke bazi ukuthi badlalelan­i futhi badlalela bani.

“Angizami ukususa umsindo kodwa kusekhona uTeboho (Moloi) bekubonaka­la ukuthi kukhona umuntu wePirates omdala. Angisho ukuthi umsebenzi kaHarold (Legodi) noma okaBenson (Mhlongo) awukho kodwa kimina akuzwakali kahle ngoba ngiyazi iPirates ayikho kubona ngaphakath­i. Ngenxa yesimo kwiPirates kudingeka umuntu ozoyenza le nto. Angizami ukubanyund­ela kodwa ngiyazi ukuthi mina ngingawenz­a lo msebenzi futhi ngimatasa ngiyazikhu­lisa ekuqeqeshe­ni. Mhlawumbe uma ngingathol­a iziqu zami ngiyobhekw­a ngeso,” kusho uSikhosana osanda kuthi uphupha ngokuqeqes­ha iPirates.

UMoloi useyiphini likaDan Malesela kwiChippa United. Ushiye kwiPirates ngaphansi kwefu elimnyama njengoba kwavela ukuthi unikezwe ilivu kodwa akaphindan­ga wabuya. Uke waba ngomunye wabasolwa ngokugxamb­ukela emisebenzi yabaqeqesh­i eqenjini.

 ??  ?? INKAKHA ye-Orlando Pirates uJerry Sikhosana ibona ukuthi abadlali beqembu abasenalo uvalo lokuphoxa usihlalo yingakho behluleka wukulileth­ela izicoco Isithombe: BACKPAGEPI­X
INKAKHA ye-Orlando Pirates uJerry Sikhosana ibona ukuthi abadlali beqembu abasenalo uvalo lokuphoxa usihlalo yingakho behluleka wukulileth­ela izicoco Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa