‘Abanikezwe ithuba abadlali abasha’
ISITOBHA seKaizer Chiefs uRamahlwe “Rama” Mphahlele sinxusa abalandeli beqembu ukuthi babanike ithuba abadlali abasha okuhloswe ngabo ukuqinisa iqembu.
UMphahlele cishe nguyena kuphela umdlali ofike kwiChiefs ngesizini edlule wakwazi ukuthi agqame, okufakazelwe yimiklomelo yomdlali ovelele ayihlomule kuMakhosi ngesizini edlule.
Amagalelo akhe eqenjini yize liqede isizini lingenaso isicoco, afakazelwe nawukuqokwa kwakhe emunxeni we-Defender of the Season emcimbini wePremier Soccer League (PSL), nokho okugcine kuwine kuwo ukaputeni weBidvest Wits, uThulani Hlatshwayo.
Amakhosi aqinise iqembu ngoPhilani Zulu, Teenage Hadebe noBhongolwethu Jayiya. Abanye abalandeli sebeqalile ukukhombisa ukungeneliseki ngendlela iChiefs esayine ngayo kule sizini.
Umqeqeshi uSteve Komphela ngempelasonto uphinde wakucacisa ukuthi abaqedile ukusayinisa njengoba bethungatha isibabuli somgadli esizosizana noBernard Parker benoGustavo Paez.
“Abalandeli kumele babanike ithuba abadlali abasha. Ngeke uthi sisayine kabi noma sisayine kahle. Lokho kuzobonakala uma sekuphela isizini. Ngoba abantu bangathi sisayine kabi bese labo badlali bafike benze kahle. Ngakho abanikwe ithuba,” kusho uMphahlele emcimbini wePSL.
Abalandeli beChiefs banethuba lokusheshe bahlole laba badlali abasha uma ezabo sezibhekene ne-Orlando Pirates koweCarling Black Label Cup ngoJulayi 29 eFNB Stadium, eGoli.
Kulo mqhudelwano abalandeli yibona ababophela isikimu. Uma kuwukuthi ababavoteli ukuqala umdlalo laba badlali, basengakwazi ukubasebenzisa besuka ebhentshini ngosuku lomdlalo.
UMphahlele ophambane nezicoco esuka kwiMamelodi Sundowns esale yadlala iCaf Champions League neSuper Cup, uthe akazisoli ngesinqumo sakhe. Kunalokho akubhekile wukuthi bazithinte nozakwabo kuMakhosi balwele ukwenza kahle ngesizini ka-2016/2017.
“Izinto zenzeka ngesizathu empilweni. ISundowns ngiyayijabulela ngempumelelo yayo. KwiSundowns nginabangani futhi anginawo nomncane umona ngabakuzuzile. Ngidumele ngokungawini lutho neChiefs.
“Ngicabanga ukuthi uma singakwazi ukusebenzisa amathuba bese sivala kahle emuva sizoba yiqembu elingcono ngesizini ezayo. Siyakuqonda ukuthi sibaphoxile abalandeli. Ngesizini ezayo sizimisele ngokubuya ngamandla,” kusho uMphahlele.