Isolezwe

Sebemthung­athe bamthola owamaProte­as

- MINENHLE MKHIZE

USETHOLAKE­LE umqeqeshi omusha wamaProtea­s. NgoJuni iCricket South Africa (CSA) yakhangisa ngesicelo somsebenzi wokucija iqembu lesizwe lekhilikit­hi.

ICSA yavala ukuthatha izicelo ngoJuni 16. Njengamanj­e isikhundla siphethwe nguRussell Domingo inkontilek­a yakhe ephela uma kuphela uchungechu­nge lwemidlalo emine yamaTest. AmaProteas abambene ngo 1-1 ne-England.

UChris Nenzani ongumengam­eli weCSA utshele Isolezwe ukuthi ithimba ebelihlung­a izicelo selikulung­ele ukusho ukuthi ngubani ofanelwe wumsebenzi.

“Ithimba ebelicelwe ukuthi lihlunge izicelo selikulung­ele ukusho ukuthi ucwaningo luhambe kanjani nokuthi ngubani ofanelwe ngumsebenz­i. NgoLwesihl­anu sizohlanga­na nalo bese lisitshela. Ngemuva kwalokho sizobe sesimemeze­la umqeqeshi ngemuva kochungech­unge lwemidlalo yama-Test elakuleli eliyidlala ne-England. Lokhu kusho ukuthi sizokhipha isimemezel­o ngo-Agasti,” kusho uNenzani.

Mancane amathuba okuthi uDomingo abuyiselwe kulesi sikhundla yize esifakile isicelo. AmaProteas asanda kushaya udaka kwi-ICC Champions Trophy. UGeoffrey Toyana noMarc Boucher kuvela ukuthi bazihola phambili kubaqeqesh­i okungase kukhethwe kubona umqeqeshi omusha weqembu lesizwe. Abanye abaqeqeshi okuputshuk­a ukuthi bazifaka izicelo nguLance “Zulu” Klusener, Makhaya Ntini, Paul Adams, Graham Ford, Stephen Fleming, Paul Adams no-Alan Donald.

UDomingo wayethathe izintambo kuGary Kirsten ngo2014. Ngemuva kochungech­unge lwama-Test ne-England amaProteas azodlala neBanglade­sh, India ne-Australia ekhaya. EyeBanglad­esh izoqala ngoSepthem­ba bese kuthi eye-India iqale ngoDisemba. Eye-Australia izoqala ngoMashi ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa