Isolezwe

UMDLALI OMUSHA WE-WITS UDIDEKILE NGEMOTO ENTSHA

-

USADIDEKIL­E umdlali omusha weBidvest Wits ngonyanyav­u lwemoto afuna ukulitheng­a.

UPotshoza uhabule izindaba zokuthi uDaylon Classen obegijima eGermany akakazi ukuthi kumele athenge yiphi imoto njengoba esebuyile eNingizimu Afrika ezoyibamba kwi-Absa Premiershi­p.

Lo mdlali usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu neWits.

“UDaylon akazi noma kumele athenge iBMW noma alande iGolf 7 yini. Inkinga yakhe unovalo ngotsotsi baseGoli. Manje ufuna ukuthenga imoto engeke imhelele otsotsi. Okwamanje akakasitha­thi isinqumo,” kusho umthombo ongaphakat­hi kuWits.

UClassen ulandelwe ukuzovala isikhala sikaMogako­lodi Ngele oshiye leli qembu wabuyela eqenjini lakhe iMamelodi Sundowns. Kowokuqala ezikaStuar­t Baxter zizidlele amahlanga zinqoba ngo 2-0 wamagoli kaRyan Moon noGift Motupa. Ngokuthola kukaPotsho­za iBafana ayizange ibulawe isizungu kwazise bebezidlal­ela amaphepha abanye bezulazula. Kukhona ngisho abazithole­le umdlalo neqembu lasendawen­i. Lo mdlalo bekungowok­uqhuba isikhathi futhi udlalwe ilaba abangazang­e balithole ithuba kowomlenze wokuqala.

Ngemuva kosuku esikhumulw­eni sezindiza, ibhanoyi leBafana ligcine likhandeki­le bafika kuleli ngoMsombul­uko maqede bangena ebhasini sebebheke eMoruleng.

Kuzona zeBafana sekubizwe uMichel Morton ukuthi azovala isikhala sikazwabo kwiSuperSp­ort United, uTeboho Mokoena njengoba iqembu selimfuna ekhempini yalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa