Ucela ukuthandaziswa uDkt Khoza
ILUNGU le-ANC ePhalamende uDkt Makhosi Khoza, selicele ukukhulekiswa njengoba namhlanje kungenzeka libekwe icala yi-ANC ngezinsolo zokudicilela phansi isithunzi senhlangano.
Ukuthweswa kwakhe icala yingenxa yokugxeka esidlangalaleni uMengameli Jacob Zuma enxusa nokuthi ehlele esikhundleni. Ngemuva kokuphinda inkulumo ethi uZuma akehle esikhundleni, emcimbini wokukhumbula uDkt Nelson Mandela ngeledlule, i-ANC KwaZulu-Natal yathi uzoqondiswa ubugwegwe.
Ebhala ekhasini lakhe kuFacebook uDkt Khoza, uthe ukholelwa kwi-ANC nohulumeni olalela abantu.
“Ngikholelwa kuhulumeni wabantu, lapho abaholi be-ANC bezokwazi ukuhlangana badingide ukuthi ubani ozokhethwa ukuhola nokuthi ubani ozosuswa. Kulokhu kuyacaca ukuthi kubusa inkohlakalo,” kusho uDkt Khoza.
Uveze ukuthi abaholi bamaqembu eyimifelandawonye nabo sebecele okufanayo, ukuthi uZuma asuswe esikhundleni. Uthe inkohlakalo yisona sizathu esihamba phambi ngokugqoza kwentuthuko emazweni ase-Afrika, nokuyinto ezomenza aqhubeke alwe.
“Namhlanje ngokwazi kwami i-ANC KwaZulu-Natal, le esazovela enkantolo ngezinsolo zokupheka imiphumela yokhetho, izongibeka icala ngoba angifuni ukufa ngithule,” kusho yena.
Ugcizelele ukuthi akeseki amaqembu aphikisayo kodwa weseka ubulungiswa obufunwa ngabantu bakuleli.
“Ningithandazise bazalwane. Ngibhekene noSathane ngqo. Inzima le mpi. Sengimema nabo oBhambatha kaManciza, Sekhukhune, Moshoeshoe, Shaka kaSenzangakhona, Mkabayi kaJama, DiniZulu. Ningathuli,” kuphetha yena.