Odilikajele kwababulala owesilisa
AGWETSHWE odilikajele izolo amadoda athumba abulala owesilisa oneminyaka engu-56 eShowe nyakenye.
UMalusi Mdlalose (28) noBonginkosi Ngobese (49) bagwetshwe yiNkantolo eNkulu eMthunzini ngecala lokubulala uMnuz Maxwell Thandanani Skhakhane.
UMdlalose ugwetshwe iminyaka engu-25 ngokubulala nemihlanu ngokuthumba kanti uNgobese ugwetshwe iminyaka engu-25 ngokubulala.
Ngokwesitatimende esithunyelwe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uSkhakhane wadutshulwa esemotweni iToyota Tazz, eMountain View eShowe ngemuva kokumemeza etshela abantu ukuthi abathathe izinombolo zemoto ayekuyo ngoba wayehamba nabantu ababezombulala.
Kuthiwa ngenhlanhla abantu ababesebenza emgwaqweni bamuzwa ememeza bathatha izinombolo zemoto kanti ngemuva kwemizuzu embalwa kwezwakala sekuqhuma isibhamu edutshulwa.
Ababesemotweni kuthiwa bakhiphela ngaphandle isidumbu sakhe babaleka ngemoto.
UMdlalose owayengumshayeli wemoto waboshwa ngoFebhuwari 2016 kanti ngemuva kokuboshwa kwakhe kwaboshwa uNgobese.
Owesilisa wesithathu, uMnuz Thamsanqa Nzuza (34), waboshwa ngoFebhuwari 3, nonyaka kanti usahamba icala enkantolo.
UKhomishana wamaphoyisa obambile KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, uncome isigwebo esinikwe ababulali nokusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa ukuze bagcine begwetshiwe.