IDowns ikhala ngemali ku-Coetzee
IMAMELODI Sundowns ayizimisele ngokukhokha u-R30 million okuvela ukuthi ufunwa yi-Ajax Cape Town ukuze idedele uRivaldo Coetzee oyibamba phakathi nenkundla emuva.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongaphakathi kwiSundowns ukuthi imfuna uthuli uCoetzee.
“ISundowns iyamfuna uRivaldo kodwa ayizimisele ngokukhokha u-R30 million ofunwa yi-Ajax. Ngempela ngempela yimuphi umdlali obiza leyo mali lapha eNingizimu Afrika? ISundowns izimisele ngokuhlala phansi ne-Ajax kuxoxwe ukuthi kudayiselwane ngemali ezothokozisa izinhlangothi zombili,” kusho umthombo othembekile.
UCoetzee akajimi neqembu njengoba limatasa namalungiselelo esizini entsha. Lo mdlali utelekile kwazise akasafuni ukudlala kuleli qembu.
UThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns utshele leli phephandaba ukuthi akuthusi ukumataniswa kwabo nalo mdlali weBafana Bafana.
“Asisathuki. Njalo uma kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali iSundowns ihlale imataniswa nabo bonke abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Abanye basuke benza lokhu ukunyusa izinga lo mdlali emakethe. URivaldo asiyazi indaba yakhe,” kusho uThuswa.
Imenenja kaRivaldo, uMike Makaab weProSport International, ithe izohlangana no-Ari Efstathiou ongusihlalo we-Ajax, ukuzama ukuxazulula indaba yalo mdlali.
“Usihlalo we-Ajax ubengekho ephesheya kwezilwandle. Kuleli sonto uyabuya futhi sizohlangana naye ukuze sixoxe ngodaba lukaRivaldo. Isizathu esenza ukuthi uRivaldo angayi ejimini yingoba akeneme. Zonke izicelo ezibekwa etafuleni ngaye i-Ajax iyazichitha. Lapha ngibala nezicelo zamaqembu aphesheya kwezilwandle. Kumele sithole indlela yokuxazulula lolu daba,” kusho uMakaab.
ISundowns kuvela ukuthi iyona ehlohla uRivaldo ukuthi angajimi neqembu.
“Amanga aluhlaza lawo. Ayikho into enjalo. Into engingayisho wukuthi sinazo izicelo zamaqembu afuna uRivaldo. Konke kulele kwi-Ajax ukuthi uzothini uma isizilalelile,” kusho uMakaab.
UThuswa naye uzichithile lezi zinsolo.
URivaldo uqokwe njengomdlali ovelele kwi-Urban Warriors ngesizini edlule ngokudlala kahle. Phakathi kwezinye zezinto akhala ngazo yimali ayiholayo kuleli qembu okuvela ukuthi incane kakhulu.
“Ngicela siyihloniphe indaba yenkontileka yakhe ngoba usanenkontileka neqembu,” kusho uMakaab.
Inkontileka kaCoetzee ne-Urban Warriors isalelwe yiminyaka emibili. Kuthintwa uMirch d’Avry ongumqondisi webhola kwi-Urban Warriors ukhale ngokuthi umatasa ngeke akwazi ukuphawula kungcono ashayelwe ucingo kusasa. Ucingo luka-Efstathiou belukhala kodwa lungabanjwa. Ngempelasonto u-D’Avry utshele leli phephandaba ukuthi umdlali akakabuyeli ejimini.