Wenza izifundo zokuqeqesha
UTHUNYELWE “kwafestiya” wayokwenza izifundo zokuqeqesha umqeqeshi weBaroka, uKgoloko Thobejane, ofake iqembu ku-Absa Premiership ekuqaleni kwesizini edlule wathi uzowina isicoco seligi.
IBaroka ihlangabezane nembibzane esigabeni esikhulu iqeda isizini yokuqala isendaweni ka-15 ku-log nokuyenze izabalazele ukubuyela kuPremiership ngokudlala kuma Play-Off. Ngesikhathi kubonakala ukuthi izinto azimvumi uThobejane maphakathi nesizini, usihlalo uKhurishi Mphahlele, umgudluzile waqasha abanye abaqeqeshi ukuthi bahlenge umkhumbi okukhona kubona uJacob Sakala, Mark Harrison no-Edward Williams kodwa abagcine ngokumiswa. Kube sekuqashwa uMilton Dlamini oyifake kuma-Play Offs kodwa wagcina echithiwe kwabuyiselwa uThobejane.
Ngesikhathi uThobejane efika kuPremiership akakufihlanga ukuthi akanazo “izicucu” zokuqeqesha kodwa wathi ufuna ukuwina isicoco seligi.
Ngesonto eledlule kuvele ukuthi wenza izifundo zokuqeqesha zeSouth African Football Association (Safa) D Licence okuyizona zokuqala eNingizimu Afrika kulezi zifundo. Ubehambisana noBernard Molekwa okuphele isizini ka-2016/2017 esepheka iPolokwane City emuva kokusula kukaLuc Eymael.
UMphahlele uqale wenqaba ukuphumela obala ngezifundo ezenziwa uThobejane.
“Ngeke ngikutshele ngeziqu azenzayo kodwa simvumelile ukuthi ayofunda. Siyazi ukuthi ulwazi azoluthola luzohlomulisa iqembu naye uqobo. Kasifuni ukuthi ancike kuBaroka yikho sifuna azithuthukise.”
Ubuye wathi: “Akakaze azenze izifundo zokuqeqesha, uyaqala. Siyamkhuthaza ukuthi azithuthukise kwezokuqeqesha ukuze azoba yinto ethize ngomuso. Ngifuna afunde agogode kwezokuqeqesha, awenze wonke amazinga.”
Kusanda kuvela ukuthi iSafa izophoqa bonke abaqeqeshi bayo, ikakhulukazi abakuPremiership, ukuthi babe neziqu zokuqeqesha. Izukhulu zayo zizungenza izwe zihlela izifundo zokuqeqesha kusukela emazingeni aphansi.
UNeil Tovey oyinhloko yabaqeqeshi kuSafa, uthe: “Ngeke ngiphawule kakhulu ngendaba kaThobejane ngoba angizazi iziqu anazo kodwa siyeza isikhathi lapho abaqeqeshi bengeke besavunyelwe ukuqeqesha ngaphandle kwemfundo efanele.”