Akufanele ibize kanje idata: Icasa
INHLANGANO ebhekelele ezokuxhumana i-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa) ithi akufanele imbe eqolo idata.
Izikhulu zakwa-Icasa zitshele amalungu ePhalamende ukuthi kufanele kuphenywe ngokumba eqolo kwedata ngoba uphenyo yilona oluzokwehlisa izindleko.
Zithe ukubiza kwedata kusho ukuthi abampofu abakwazi ukungena kwi-internet nokuthola olunye usizo lwezokuxhumana oludinga idata.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho kuzwelonke, uMnuz Ebrahim Patel, useqale uphenyo oluzoqhutshwa yiCompetition Commission olubheka ukuthi kungani ibiza idata.
Abanye ongqongqoshe abalwesekayo uphenyo ngowezoHwebo neziMboni, owezokuXhumana nowezamaPosi.
Usihlalo osabambile kwi-Icasa, uMnuz Rubben Mohlaloga, uthe idata kufanele yehle ngoba ibiza ngokwedlulele.
“Kufanele yehle idata ngoba iyabiza uma uqhathanisa namanye amazwe. Idata emazweni angomakhelwane beNingizimu Afrika kayibizi njengeyala. Uma ubheka nentengo yedata emhlabeni jikelele uyabona ukuthi eyethu ibiza ngokweqile, ngakho kumele yehle,” kusho uMahlaloga.
Uthe uma yehla idata kufanele kwenziwe isiqiniseko sokuthi amabhizinisi ezokuxhumana ayaqhubeka nokusebenza.
Isikhulu esiphezulu esisabambile kwiCompetition Commission, uMnuz Wellington Ngwepe, sithe siphenya izinsolo zokusebenzisana kwezinkampani zokuxhumana ukuze kunyuke izindleko.
Uthe bayazibheka nezinhlelo zokufakwa kwe-broadband okungamakhebuli enza kube lula ukuthi abantu bangene kwiinternet.
Usihlalo wekomiti ebelikhuluma nabe-Icasa, uNkk Ellen Prins, uthe bafuna izinkampani zokuxhumana ziziphendulele ukuthi kungani idata ibize. Indaba yedata ibucayi futhi kumele kunikwe wonke umuntu ithuba lokuthi abeke umbono wakhe. UMnuz Jacques Julius we-DA uthe idata iyabiza uma kuqhathaniswa nakwamanye amazwe.