I-ANC ifuna indodana kaMengameli Zuma ixolise
INGAPHANSI kwengcindezi indodana kaMengameli Jacob Zuma, uMnuz Edward Zuma ngemuva kokuthi i-ANC imnqumele ugwayi katiki yathi akaxolise ngesitatimende sayo lapho ibize amalungu ePhalamende oMnuz Pravin Gordhan owayenguNgqongqoshe weziMali noMnuz Derek Hanekom ngezichuse zosomabhizinisi abamhlophe.
U-Edward uphinde wabiza uHanekom owayenguNgqongqoshe wezokuVakasha ngebhunu eliyiaskari.
I-askari yigama elalisetshenziswa ukuchaza amalungu e-ANC ayeyijikela esiswini njengotshwala asebenzisana nohulumeni wobandlululo, amanye ayebulala amaqabane.
Izolo, inhlangano ebhekelele amalungelo abantu i-South African Human Rights Commission (SAHRC) ithe isacubungula ukuthi izomjezisa kanjani u-Edward.
“Sivule icala emuva kokubona inkulumo kaZuma. Sisacubungula ukuthi sifuna azilungise kanjani izinto ezihlambalazayo azibhale encwadini yakhe. Angayalelwa ukuthi abhale enye incwadi axolise kubantu baseNingizimu Afrika noma axolise ngenye indlela,” kusho uNksz Gail Smith.
Uma u-Edward engayiphenduli i-SAHRC izodlulisela udaba lwakhe enkantolo yokulingana.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta u-Edward uthe akayazi nokuthi iyini i-SAHRC futhi akakaze akhulume nabantu bakhona.
“Akekho osengithintile kwi-SAHRC, uma kuyibona abangivulele icala kuyamangaza. Sebeke babavulela laba ababiza ubaba ngomkhovu, kukhona icala abalivulele amadoda avalela umuntu ebhokisini lomngcwabo?” kubuza u-Edward.
Ebuzwa ukuthi uzoyilalela yini i-ANC njengoba ithe lingashoni elayizolo engaxolisanga.
“I-ANC ithe angixolise yize ngibhale le ncwadi njengo-Edward Zuma hhayi njengelungu layo? Ngizolinda ukuthi ngizwe ngabeANC okwamanje akukho engikuhoxisayo.
“Ngizophawula kahle uma sengenze isithangami sabezindaba engizosibiza maduze.”
UMnuz Mdumiseni Ntuli we-ANC okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uthe uma uZuma engaxolisi, uzobhekana nekomidi eliqondisa ubugwegwe.
Khonamanjalo, i-ANCYL KwaZulu-Natal nayo isiphakamise ukuthi u-Edward awahoxise amazwi akhe ngoba ikhala ngokuthi alikho ilungu leqembu elinelungelo lokungcofa abaholi bombutho esidlangalaleni.
UNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo uthe u-Edward kuzomele athathelwe izinyathelo uma engaxolisi njengoba kwenzekile nakuDkt Makhosi Khoza.