Awenduduzo emndenini wowe-ANC
INGENA ingenile imiyalezo yenduduzo emndenini welungu lePhalamende le-ANC elisekomitini lemfundo eyisisekelo, uMnuz Timothy Khoza, oshone engozini yemoto izolo, eKapa.
UKhoza, waseMpumalanga, ubehamba namanye amalungu aleli komiti beyovakashela izikole ePaarl izolo ekuseni ngesikhathi imoto abebehamba ngayo igingqika.
Amanye amalungu abehamba nawo, aselashwa esibhedlela ngemuva kwale ngozi, nguSihlalo wekomiti uNkk Nomalungelo Gina we-ANC, Mnuz Ian Ollis we-DA noNksz Cynthia Majeke we-UDM.
Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, uthe bashaqekile bezwa ngengozi eyehlele amalungu abo eyokwenza umsebenzi wePhalamende.
Uthe amanye amalungu asindile ayelashwa esibhedlela wadlulisa amazwi enduduzo emndenini kaKhoza.
UNgqongqoshe wemfundo eyisisekelo, uNkk Angie Motshekga, udlulisele amazwi enduduzo kwaKhoza wathi usebenze naye isikhathi eside ePhalamende.
Uthe basebenzisana kahle nekomiti wathi ngesikhathi kwehla ingozi bekukhona namanye amalungu omnyango.
“Sidlulisa amazwi enduduzo sifisela nabasezibhedlela ukululama okusheshayo. Amalungu abenza umsebenzi wokuvakashela izikole oqalwe ngoMsombuluko kuleli sonto,” kusho uNkk Motshekga.
I-ANC idlulise amazwi enduduzo emndenini, ezihlotheni nakubangani bakaKhoza.
“UKhoza yisosha elifele emsebenzini, lisebenzela izwe lalo. Sifisela bonke abalimele ukululama,” kusho uMnuz Zizi Kodwa okhulumela i-ANC.
Umholi we-UDM, uMnuz Bantu Holomisa, ubhale ku-Twitter efisela bonke abalimele ukululama wadlulisa amazwi enduduzo emndenini kaKhoza.
USotswebhu we-IFP, uMnuz Narend Singh, uthe bafuna iphenywe imbangela yengozi wanxusa abashayeli ukuthi bacophelele.
“Umholi we-IFP udlulisa amazwi enduduzo emndenini kaKhoza, ufisela nabalimele ukuthi balulame ngokushesha,” kusho uSingh.
Namanye amaqembu okuyiDA, Cope ne-NFP adlulise amazwi enduduzo emndenini kaKhoza.
U-Ollis ubhale ku-Twitter ukuthi uKhoza ufe phambi kwakhe wathi yena uyalulama.