UKaunda ungenelele kolwaseDu Toit
UNGQONGQOSHE womnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZuluNatal, uMnuz Mxolisi Kaunda useyalele amaphoyisa aKwaMakhutha ukuthi asiqaphe ngeso lokhozi isimo eDu Toit, e-Adams Mission, ngemuva kwesigameko sokubulawa kwabantu abane.
UKaunda ubambe umhlangano namaphoyisa esiteshini samaphoyisa ngoMsombuluko ngemuva kwalesi sigameko esenzeke ngempelasonto.
Kulesi sigameko kubulawe abangani abaphinde babe ngomakhelwane, oMnuz Fanele Sanele Gumede (24), Sphelelele Mavundla (24), uKhumbulani ‘Khokha’Msomi (19) no-Ayanda Du Toit (17) okuthiwa babulawa behleli endlini yakwaMsomi.
UKaunda uthe usenxuse nophiko lwezokuphepha emnyangweni wakhe ukuthi luhlele imikhankaso eqwashisa ngobugebengu, ukusetshenziswa kwezidakamizwa nezibhamu ezingekho emthethweni.
“Ngeke zivumele izigebengu ukuthi zihlukumeze abantu. Kumele sibhekane nazo,” kusho uKaunda.
Uthe imjabulisile imibiko ayithole emaphoyiseni eveza ukuthi ilokishi laKwaMakhutha linokuthula. Ngesikhathi Isolezwe lihambele imindeni yaboshonile kuvele ukuthi amalungu omphakathi ahlalele ovalweni ngemuva kwalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.
Unxuse amalungu omphakathi angaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa ukuthi athinte amaphoyisa.