Ufunde lukhulu umfundi obeseChina
UNESIFISO sokubona iNingizimu Afrika inqoba izinkinga zokungcola komoya nemvelo umfundi waseMangosuthu University of Technology, obeyomela elakuleli engqungqutheleni yezemvelo, eChina.
UNksz Akhona Mazingisa (24) owenza unyaka wesithathu kwiEnvironmental Health, bekunguye yedwa owakuleli kubafundi abangu-500 abebethamele iGuangzhou World Youth Conference ngenyanga edlule. Bekungokwesibili emenywa kule ngqungquthela njengoba ahluleka ukuyithamela ngonyaka odlule ngenxa yokushoda ngemali.
UNksz Mazingisa uthe ukujoyina inhlangano i-’I Live To Lead’ ikona okumenze athole ithuba lokuya engqungqutheleni.
“Ngonyaka odlule, inhlangano yahambisa igama lami ngakhethwa ukuthi ngithamele ingqungquthela. Angiphumelelanga ngoba kwakumele ngithole abazongixhasa ngemali. Kuthe noma bengikhetha nonyaka ngangathemba ukuthi ngizokwazi ukuya. Ngikhethwe ngoMashi kwathi ngoMeyi obezongixhasa wangijikela wahoxa, ngavele ngalahla ithemba,” kuchaza uNksz Mazingisa.
Uthi ugcine ethole uxhaso kuDkt Sibongiseni Tunzela oyisikhulu esiphezulu seFlavalite Innovations, omkhokhele zonke izindleko.
Ingqungquthela ithathe isonto eChina. Bekumele basebenze ngamaqoqo nabanye abafundi, babuye basebenze ngabodwana. Bekubuye kudingeke baye emphakathini ukuyocwaninga ngokuhlanzwa kwamanzi bese bezokwethulela izihambeli zengqungquthela abakutholile. UNksz Mazingisa uthe sekumele akhulume ngesihloko ngayedwana, ukhethe iRenewable Energy athi uyakholelwa kuyo.
“Njengoba ngenza lezi zifundo ngiyikhathalele impilo yabantu nendawo abahlala kuyo. Ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula iphalamende ngoFebhuwari umengameli wezwe wakhuluma ngokweseka uhlelo iRenewable Power, ekhuthaza ukusetshenziswa kweRenewable Energy. Nami ngiyalwesekwa lolu hlelo ngoba luzokwenza siyeke ukusebenzisa amalahle, okuyizinto ezingcolisa umoya. Ngifunde lukhulu eChina ngoba nakhona banezinkinga ezifanayo nezethu kwezemvelo.”
Ngaphandle kokufunda ngemvelo, uthe ukulangazelela ulwazi kumenze wakwazi ukubhekana nezinselelo njengoba abafundi abaningi abenabo engqungqutheleni bebengakwazi ukukhuluma isiNgisi. Bekudingeka abhale kumaselula abo akwazi ukutolika isiNgisi ukuze axhumane nabanye abafundi baseChina uma benza umsebenzi. Ngonyaka ozayo lo mfundi ozalelwe eMzimkhulu, uzimisele ukubuyela enyuvesi ayokwenza iB-Tech kuyona i-Environmental Health. Uthe maningi amathuba omsebenzi kulo mkhakha ngoba angasebenza kwezokuphepha nezempilo ezinkampanini ezizimele nakuhulumeni.