Uthwele kanzima onesimila esigcwele ubuso
UTHWELE kanzima umlisa (36) waseNseleni osenamahloni ngisho okuphuma endlini ngenxa yesimila esisebusweni athi sesihlule yonke imizamo yakhe yokuselapha.
UMnuz Thulani Lumba uthe sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-10 exakwe yisimila esesigcwele ubuso esibizwa ngeKeloid Disorder.
Uthe kuqale ngokuthi amilwe amaqhubu amancane uma ekade eshefa ebusweni. Ngo-2012, amaqhubu abe eseqala ebukeka njengamathumba futhi aqhubeka nokukhula.
ULumba uthe uye esibhedlela, iNgwelezane ngoba ebona isimo sakhe siya ngokuba bucayi.
Uthe udluliselwe esibhedlela i-Inkosi Albert Luthuli Central okuyilapho agcine ehlinzwe khona ngo-Okthoba 2013.
Ubikelwe ukuthi kufanele aphinde abuye ukuze ahlinzwe ngo-2014, ukuze kuqinisekiswe ukuthi ubuso bakhe bubuyela esimweni esihle.
“Ngesikhathi sengihlinziwe ubuso bami bese bubukeka bubuyele esimeni. Ngithe sengiyoqaqa izitishi ngabona engathi seyiqala phansi le nto. Kumanje seyivele yanda yagcwala ubuso. Angikwazi ngisho ukuhamba ngikhululeke emgwaqweni ngoba abantu bavele bangibuke, ubone ukuthi babuka le nto. Uma ngiya kwezinye izindawo bazitshela ukuthi ngiyisigebengu ngoba bebona indlela engibukeka ngayo,” kusho uLumba.
Uthe udokotela wasesibhedlela iNgwelezane uthe ngeke esakwazi ukumdlulisela eNkosi Albert Luthuli ngoba ethi odokotela bakhona ngeke basavuma ukumhlinza. Uthe omunye udokotela ozimele wathi udinga ukuhlinzwa ngohlelo lwelaser treatment athe lubiza imali engaphezu kuka-R30 000, okuyimali angenayo.
ULumba uthe usezame izindlela eziningi efuna ukususa lesi simila kodwa akusizi lutho. Usesebenzise imali eningi ethenga imithi yesintu kubantu abafika kuyena bethembisa ukuthi bazokwazi ukuyiqeda le nto kodwa kube nhlangazimuka nomoya.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi unxuse iziguli ukuthi zibuyele esikhungweni sezempilo ezisuke zilashwa kuso uma kukhona imibuzo noma izikhalo ezinazo.
Yize uLumba ethe uke wacela ukudluliselwa kwesinye isibhedlela watshelwa ukuthi ngeke kwenzeke ngoba ngeke bavume, uMkhwanazi uthe kufanele abuyele esibhedlela acele iminingwane ethe xaxa bese ecela nokudluliselwa (kwesinye) ukuze ezwe ukuthi khona bazothini.