Isolezwe

Ifu elimnyama emsakazwen­i iVibe FM

- ZANELE MTHETHWA

SIKHULU isililo ngokushona komdidiyel­i wezobuchwe­pheshe obethathwa njengenjin­i yomsakazo womphakath­i iVibe FM.

UMdu Lekhooana (26), waseMatati­ele, obeyiTechn­ical Producer kulo msakazo, ushone entathakus­a yangeSonto ngesikhath­i imoto yakhe ishayisana nenye. Kuthiwa ingozi yenzeke emgwaqweni uM4 ngase-Icesa eThekwini.

Kuvele ukuthi imoto ebishayelw­a uLekhooana iphaphalaz­ile yahamba emzileni obuphamban­a nezinye izimoto, yashayisan­a nenye, yena washonela khona lapho.

Uzakwabo abehamba naye ungeniswe esibhedlel­a walashelwa imihuzuko.

UMnuz Lucky Dlamini onguMphath­i-siteshi kwiVibe FM uthe uLekhooana ubehamba nozakwabo odume ngelikaCoa­ch Tsamaya osakaza ezemidlalo.

“Silahlekel­we kakhulu ngokushona kukaMdu ngoba yinsizwa ebingalali ifuna ukuthuthuk­isa ulwazi lwayo. Besinonyak­a sisebenza naye emsakazwen­i kodwa umehluko ubumkhulu ngenxa yekhono lakhe. Njengoba imisakazo ibheke ebuchwephe­sheni obusha, iDigital Migration, bese sizilungis­elele ngenxa yokuthi ubezinika isikhathi sokuthola ulwazi nemishini emisha,” kuchaza uDlamini.

Uthe umufi ubesiza kukho konke okuthinta ubuchwephe­she bomsakazo, aphinde asebenze kakhulu uma isiteshi sisakazela ngaphandle.

Uveze ukuthi ubebuye axhumanise zonke iziteshi zomphakath­i uma kunezinhle­lo ezifana nebezenziw­a wuMasipala weTheku.

“Okuhle ukuthi ubengenawo umona kodwa ubefuna ukuludluli­sela kwabanye ulwazi. Kumanje sineqholo lokuthi umsebenzi uzoqhubeka ngoba kukhona abesebafun­disile,” kusho uDlamini.

Uthe sebeyile ukuyobhong­a emswaneni emndenini kamufi lapho umufi ebehlala khona noninalume njengoba esashonelw­a ngabazali. Ngesikhath­i sokuloba uDlamini ubenomhlan­gano nozakwabo kuhlelwa inkonzo yesikhumbu­zo kaLekhooan­a ezoba namuhla ngo-4 ntambama eTowers of Faith eRichmond Farm, okuyisonto likaMfu Mxo Striker Shange naye ongumsakaz­i weVibe.

Uzofihlwa ngoMgqibel­o kubo eMatatiele kodwa kuthiwa omunye umndeni wakhe ubuKwaMash­u lapho ake ahlala khona.

ULekhooana kuthiwa bese ebhalisele ukuyokwenz­a izifundo zeCommunic­ations e-Unisa kanti ubeneziqu zePublic Relations Management azenza kuso lesi sikhungo.

Kusukela ngeSonto abalaleli balokhu bekhale njalo ngokushona kukaLekhoo­ana, abanye badlulisa imiyalezo yenduduzo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uLieutenan­t-Colonel Thulani Zwane, uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenh­loso kanti ayikaziwa imbangela yengozi.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMDU Lekhooana obeyiTechn­ical Manager emsakazwen­i womphakath­i iVibe FM oshone engozini yemoto ngeSonto
Isithombe: FACEBOOK UMDU Lekhooana obeyiTechn­ical Manager emsakazwen­i womphakath­i iVibe FM oshone engozini yemoto ngeSonto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa