Simisiwe isiteleka sabahlola igazi
SIMISIWE isiteleka sabasebenzi besikhungo esihlola igazi nolunye uketshezi, iNational Health Laboratory Services (NHLS), abangenele isiteleka sikazwelonke ngesonto eledlule bekhala ngokunyuselwa amaholo.
Esitatimendeni esithunyelwe wuNobhala Jikelele wenyunyana yabasebenzi iNational Education, Health and Allied Workers’ Union (NEHAWU), uMnuz Zola Saphetha uveze ukuthi simisiwe isiteleka sikazwelonke esiqale ngoLwesithathu olwedlule.
USaphetha uthe bamise isiteleka ngoba besaphothula izingxoxo ngesivumelwano okufanele sisayinwe emuva kokuthi umqashi elethe iziphakamiso ezintsha ngamaholo. “Isinqumo sithathwe emuva kokuphethwa kwezingxoxo namalungu (ethu) mayelana nesiphakamiso sakamuva esenziwe abaphathi beNHLS ngoLwesihlanu olwedlule.”
Uncome amalungu abo ngokungenela isiteleka esingabanga nezigameko ezinodlame. Uthe ngeke bayeke ukugqugquzela ukuthi iNHLS iphindiselwe ngaphansi kukahulumeni njengoba ekhale ngokuthi indlela exhaswe ngayo iyolokhu iholela ekutheni lesi sikhungo siqhubeke nokuba nezinkinga zezimali, ukungaphathwa ngendlela, nezenzo zenkohlakalo. Abasebenzi bebefuna ukunyuselwa amaholo ngo-7.3% bese benyuselwa imali yesibonelelo sezindlu sibe ngu-R2 000 ngenyanga, esomshwalense wezempilo, isibonelelo sokusebenza ezimeni ezinobungozi sika-R500 ngenyanga. Bebefuna nokufakelwa imali yesibonelelo sokusebenza emakhaya kulabo abasebenza ezindaweni ezisemakhaya.
Umqashi ugcine egobe uphondo wayivuma eka-7.3% kodwa wangazibophezela kwezinye izimfuno zabasebenzi. Uphinde wakhombisa ukuzimisela ukuthi alungise ezinye zezimfuno zabasebenzi okubalwa kuzo ukuqashwa kwabantu abazokwenza eminye imisebenzi kungabe kusaqashwa izinkampani ezizimele.
Uthe uzobuyekeza uhlelo lokukhokhela abasebenzi isibonelelo sokusebenza emakhaya nokunye.