Ukufundela ubudokotela eCuba kumkhanyisele
IMFUNDO yobudokotela yaseCuba imkhanyisele ngokubaluleka kokuvikela izifo nokuqinisekisa ukuthi usizo lwezempilo lufinyelela kubantu abasemakhaya nabahlwempu, umfundi waseNingizimu Afrika owenza izifundo zobudokotela kuleliya zwe.
UMnuz Mlungisi Mtshali (27) waseMtshezi owenza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela eVictoria de Girón School of Medical Sciences, eHavana, eCuba uthe unethemba lokuthi uma ebuya kuleli esezosebenza njengodokotela uzokwazi ukusebenzisa ulwazi alutholile ukusiza abantu baseNingizimu Afrika.
“ICuba isebenzisa indlela ehlukile yokwelapha ngoba igxile kakhulu ekuvikeleni izifo nokuyindlela engafani nesetshenziswa eNingizimu Afrika. Uhlelo esifunda ngalo lapha luzobaluleka njengoba sizobuya la, ikakhulu njengoba neNingizimu Afrika isiqale ukushintshela endleleni efanayo yokuvikela izifo,” kusho uMtshali.
Ungomunye wabafundi baKwaZuluNatal ababuyile njengoba behlabe ikhefu, besebenza ezikhungweni zezempilo ezehlukene ukuze babone indlela okulashwa ngayo izifo – ikakhulu izifo ezingadlangile eCuba okubalwa kuzo isifo sofuba negciwane lengculazi. UMtshali uthe ngenxa yokudlanga kwezigameko zobugebengu ezinodlame kuleli, kuneziguli eziningi ezisuke zilimele ngendlela eshaqisayo nokuyinto abangavamile ukuyibona ezikhungweni zezempilo eCuba.
“Iningi labantu esibabonayo ezikhungweni zezempilo zaseCuba abaphethwe yizifo ezivame kakhulu kubantu asebekhulile. Lokhu kungenxa yokuthi abantu bakhona baphila isikhathi eside. Asikwazi ukufunda ukuthi kudingekani uma unakekela iziguli ezinezifo ezidlange kuleli ngoba bayakwazi ukulwa nazo,” kuqhuba uMtshali.
Ungomunye wabafundi abebekuleliyazwe ngesikhathi kuvela imibiko ngabafundi bakuleli okwakuthiwa sebegxile kakhulu kwezenkolo, abanye okwakuthiwa sebengabashumayeli.
Uthe le mibiko yabaphatha kabi kakhulu ngoba yanika abantu isithombe esibaveza njengabantu abangazimisele ngokufunda. UMtshali ophinde abe ngusihlalo we-SRC kubafundi baseKZN, nowayengekho kuleliqeqebana labafundi elalisolwa ngalokhu uthe kwakungekubi njengoba kwakubekwa.
Uthe akulona iqiniso ukuthi abanye abafundi base beshumayela emakhoneni nokuthi babezama nokuphendula abantu baseCuba. Ngokusho kwakhe abafundi babethandaza futhi bebona inkolo njengendlela abangasizakala ngayo ukubhekana nezingqinamba ababebhekene nazo njengoba besezweni elikude. Uthe akukho okutheni ababekwenza laba bafundi kanti bekubaphatha kabi ukuthi kugqanyiswe izinto ezimbi zodwa uma khukulunywa ngabo. Bekungavezwa ukuthi baphasa kahle kangakanani nokuthi yiziphi ezinye izinto ezinhle abazenzayo nabafisa ukuzenza uma bebuya.
“Bekuba sengathi baningi abafundi abakhulelwayo, abaphuzayo, nasebekholwa ngokweqile. Kanti bancane kakhulu abantu ababekhulelwa uma ubaqhathanisa nabafundi abakhulelwa ezikhungweni ezila eNingizimu Afrika, umehluko ukuthi bebegodukiswa kuthina,” kusho uMtshali.