Ngingalinika isoka lami imali liqedele ukungilobola?
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngingowesilisa oneminyaka ewu-28. Sobabili nesithandwa sami singabazalwane, siyamesaba uJehova. Siwe esonweni usisi wase eyakhulelwa. Yinyanga yesibili futhi asikabatsheli ebemindeni yethu ngoba siyesaba. Ubaba ngumfundisi webandla kanti nakubo kwalo sisi basindisiwe. Inkinga wukuthi sobabili siyazi ukuthi bazosiphoqa ukuthi sishade kanti thina siyazi asikakulungeli lokho. Sicela usizo. Igama ligodliwe, eMnambithi Impendulo: Ukukhula kuhambisana nokwenza amaphutha. Okuhle futhi nenikwaziyo njengabazalwane wukuthi uNkulunkulu uyasixolela amaphutha ethu. Imindeni yenu ngokunjalo nebandla lizonixolela emva kwesikhathi. Okubalulekile nje wukuthi nizehlise phambi kwabo nikhombise ukuzisola. Niyiphoxile imindeni yenu kodwa-ke impilo iyaqhubeka. Phuthumani niyazise imindeni ngokuwa kwenu singaze sibonakale isisu. Umbuzo: Ngingowesifazane othandana nowesilisa osanda kudilizwa emsebenzini. Ubeseqalile ukulobola kodwa engakaqedi. Usuku lomshado sesavumelana ngalo. Sawenza amalungiselelo afana nokuthenga izingubo, sakhokhela indawo yokushadela, sakhipha nezimemo. Usenezinyanga ezintathu ehlezi ekhaya. Okungiphatha kabuhlungu wukuthi ubaba wami akafuni ukuzwa lutho, ulifuna la ilobolo. Engicela ukukwazi wukuthi ngingalinikeza yini isoka lami imali yokuqedela amalobolo? Ngisebenza kahle futhi ngiyamthanda kakhulu. Ngingamenzela noma yini. Igama ligodliwe,
eDurban North Impendulo: Ukuphelelwa wumsebenzi kuyinto enzima futhi engeke ukwazi ukuyigwema. Siyalibongela isoka lakho ngokubusiswa ngomuntu wesifazane onjengawe. Umbuzo esinawo owokuthi ngabe ubaba wakho uyazi yini ngokudilizwa kwesoka lakho? Uma azi ngale sisimo uthi nizoshada ngani? Siyazi futhi ukuthi kunzima ukumisa umshado ikakhulukazi uma selunqunyiwe usuku kodwa akukho okunye eningakwenza. Amalobolo kumele avele esokeni lakho. Ukuzilobola ngisho kungathiwa ulithanda kanjani isoka lakho, akuwona umqondo omuhle. Esingakululeka ngakho wukuhlalisa phansi imindeni yenu niyazise ngokudilizwa kwesoka lakho nokuthi lokho kuzokwenza ukuthi ilanga lomshado lihlehle ukuze nilungise izinto zenu okuhlanganisa nokufuna umsebenzi omusha kwesoka lakho. Ongakwenza wena wukumsiza ukuthola umsebenzi omusha. Umbuzo:
Angazi kwenzekani ngami? Ngineminyaka ewu-34 nezingane ezimbili kwabelisa abehlukene. Nginenkinga yokuthandana nabantu besilisa abasivusayo isibhaxu. Angisazi ngenzenjani. Abesilisa abalungile, angibafuni nala behambe khona. Kungabe inkinga inami? Ngenzenjani? Sengiqala ukukhathazeka, ikakhulukazi ngoba laba bantu besilisa banokuhlangana nezingane zami baze bangihlukumeze phambi kwazo. Thandeka, eRichards
Bay Impendulo: Njengomzali, kungumsebenzi wakho ukuvikela izingane zakho. Asikho nesidingo sokuthi izingane uzihlanganise nawo wonke umuntu ohlangana naye. Yisiphi isithombe ozinikeza sona? Njengomzali kumele unikeze abantwana isithombe esihle ngawe. Phuma kulo mqondo wokucabanga ukuthi kukhona into embi nengasile ngomuntu wesilisa olungile. Empeleni uyena muntu omdingayo empilweni yakho. Khula sisi. Umbuzo: Ngicela usizo la, ngibhekene nenkinga. Umyeni wami usethi ufuna ukuthatha isithembu ngoba mina ngigodla ucansi. Eminyakeni eyisikhombisa sishadile angikaze ngimncishe. Akusekuhle ekhaya ngenxa yalesi simo. Angikwazi ukumelana nezidingo zakhe. Manje angazi ngenzenjani ngoba engikwaziyo wukuthi ngeke ngikwazi ukumvumela ukuthatha omunye unkosikazi. Ngizizwa ngiphelelwa amandla ngale ndaba yokuletha omunye umuntu wesifazane phakathi kwethu. Ngabe kungcono ukuthi wangitshela lokhu ngaphambi kokuthi sishade. Kungabe umyeni wami unalo yini ilungelo lokusebenzisa ucansi njengesizathu sokuthatha omunye unkosikazi? Igama ligodliwe, eMgungundlovu Impendulo: Isithembu kumele kube yinto enivumelana ngayo nobabili nomyeni wakho. Futhi kuyinto okwakumele niyikhulume ngaphambi kokuthi nishade ukuze ungene emshadweni wazi. Ukusebenzisa ucansi ukuthola into oyifunayo emshadweni akukuhle. Kungenzeka yini ukuthi sekukhona aphezu kwakho umyeni wakho? Kuyamangaza ukuthi wena uthi awumncishi kodwa yena ebe ethi ufuna omunye unkosikazi ngenxa yokuthi awumanelisi. Kukhona okushaya amanzi. Zinike isikhathi sokuthola ukuthi kwenzekani ngomyeni wakho. Mazise ukuthi awuthokozile ngezingxoxo zokuthatha omunye unkosikazi.