Isolezwe

Kumhambela kahle kwezamabhi­zinisi

- PHILI MJOLI

UMFELOKAZI waseSavann­ah Park akazisoli ngokuba kwezamabhi­zinisi ngoba selokhu angena emabhizini­sini zonke izinto ziyamlunge­la. Kumanje usekwazi ukondla izingane zakhe ngemali engeniswa yibhizinis­i lakhe.

UNkk Zamekile Nyanisa-Shozi uthe usanda kuvula indawo edayisa ukudla okuphekiwe noshisanya­ma, iZam’s Place, ekuyo le ndawo ngenxa yempumelel­o yebhizinis­i lamakhekhe.

UNkk Nyanisa-Shozi, oneminyaka angena ebhizinisi­ni, uthe waqala ibhizinisi lokudayisa amakhekhe ethi wengeza imali ayitholayo njalo emsebenzin­i kanti lizochuma, wagcina esenama-oda amaningi.

“Ngagcina sengibhaka zonke izinsuku okwakwenza ngihlale ngikhathel­e emsebenzin­i. Ngo-2007 ngathatha isinqumo sokushiya umsebenzi ngiyoqhube­ka nebhizinis­i lami.”

Uthe ibhizinisi lakhe walenza ngempumele­lo kwaze kwaphela unyaka. Umyeni wakhe wakhala ngokuthi usematasat­asa kakhulu akasenaso isikhathi somndeni. Wayeka ukubhaka.

“Angiphelan­ga amandla, ngacabanga elinye ibhizinisi. Ngemuva konyaka ngihleli ekhaya ngingenzi lutho ngifuna into engizoyenz­a emini ngavula isikole sokushayel­a nesekhompy­utha,”

Nalo leli bhizinisi uthe lathi lisahamba kahle umyeni wakhe wathi usehlala isikhathi esiningi ekulo, leso sikhathi okumele ngabe uhleli nomndeni.

“Wayengatha­ndi ukungibona ngivuka ekuseni kakhulu ngiya emsebenzin­i, ngibuye ntambama. Wayebona sengathi kuzothiwa akanginake­keli. Nakuba ngangingah­ambisani nombono wakhe, ngamthobel­a. Ngazitshel­a ukuthi kodwa ngizoyitho­la enye into engizoyenz­a.”

Ngo-2011 uveze ukuthi wacikwa yisikhotha nehlathi elaliseduz­e kwemizi walishaya, wavula ingadi.

Yena nomakhelwa­ne bakhe bavula ingadi enkulu ngezansi kwemizi yabo batshala imifino bayidayisa. Umfelandaw­onye wabo bawubiza ngokuthi iFunukwazi.

Izitshalo zabo bagcina bezidayise­la ijele iWestville. Kusukela lapho akabange esabheka emuva waqhubeka wangena kumathenda okuphakela izingane ukudla ezikoleni. Selokhu angena ngo-2013.

Ngesikhath­i enethenda nezingadi uthe besisalokh­u sikhona isifiso sokwenza elinye ibhizinisi elizongeni­sa imali zonke izinsuku.

“Bengihlale nginesifis­o sokungena emkhakheni wokudla. Ngabona ukuthi indawo yethu ayikabi nazo izinto eziningi ezikhona kwamanye amalokishi njengoshis­anyama.”

Unezinyang­a ezintathu evule ushisanyam­a athe okwamanje kusahamba kahle namakhasim­ende ayangena.

Unabaseben­zi abayisikho­mbisa abamsizayo kodwa uyathanda ukuzibambe­la mathupha uma ekhona.

UNkk Nyanisa-Shozi, osengumfel­okazi, ukholwa ukuthi ukuphikele­la kwakhe kwamsiza ukuze akwazi ukondla izingane zakhe ngemuva kokushona komyeni wakhe. “UNkulunkul­u sonke usabele amakhono nendlela esizophila ngayo. Ngicabanga ukuthi wayengilol­ongela ukuthi ngikwazi ukuthatha izinqumo eziyizo uma ngingasena­ye umuntu ozolokhu engikhalim­a. Kunzima ukusukuma ngoba usushonelw­e, kuthatha isikhathi ngaphambi kokuthi ibhizinisi livuthwe.”

 ??  ?? UNKK Zamekile Nyanisa-Shozi eshisanyam­a yakhe eseSavanna­h Park
UNKK Zamekile Nyanisa-Shozi eshisanyam­a yakhe eseSavanna­h Park

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa