Isilungele ukuhlasela eKapa koweMTN 8 iPolokwane
ISIMI ngomumo iPolokwane City ezobhekana neCape Town City abaqhathwe nayo kowequarterfinal yeMTN 8 eqala ngesonto elizayo.
Leli qembu laseLimpopo lingene okokuqala kulo mqhudelwano ohambisana nesheke lika-R8 million ngemuva kokuqeda endaweni yesithupha kwi-log ye-Absa Premiership ngesizini edlule.
Umqeqeshi obambile, uBernard Molekwa, uthe bazimisele ngokuya eKapa bafike bakhiphe konke abanakho ukuze badlulele esigabeni esilandelayo.
Umdlalo ungo-Agasti 12 eCape Town Stadium ngo-3 ntambama.
“Njengamanje amalungiselelo ahamba kahle. Sesikulungele ukubhekana neMTN 8 neligi. ICape Town City iyiqembu elihle. Izobe ifuna ukuqhubeka lapho igcine khona ngesizini edlule futhi nabadlali befuna ukuzikhombisa kumqeqeshi omusha, ngakho silindele umdlalo ozoba nzima.
“Ngesizini edlule siyile eKapa basihlula, nathi sabahlula ekhaya. Kulokhu sizoya khona siyolwa ngakho konke esinakho ukuze sidlulele esigabeni esilandelayo,” kusho uMolekwa.
UMolekwa ubambe izintambo kwiCity maphakathi nesizini ezayo ngemuva kokushiya isigubhukane kobengumqeqeshi uLuc Eymael.
Ufike wagcina iqembu lizinzile kwiTop 8 laze laqeda endaweni yesithupha okungephezulu eselike layithola kusukela lakhuphukela esigabeni esikhulu ngo-2013.
UMolekwa ukugcizelele ukuthi akakawuthathi ngokugcwele umsebenzi ngoba abaphathi basafuna umqeqeshi.
“Ngizoqhubeka nokubamba njengoba kusho abaphathi. Kuningi engikufundile futhi ngizimisele ngokuqhubeka nokufunda njengoba sengeze nezifundo zokuzithuthukisa,” kusho uMolekwa.
UMolekwa othathwe ekade eyimenenja yeqembu benomkhaya wakhe uKgoloko Thobejane opheka iBaroka FC, emasontweni edlule bebenza izifundo zeSafa D License.
Mayela nezinhlelo zesizini ezayo uthe abakubheke kakhulu wukuthi iqembu liphinde liqede isizini libalwa nayisishiyagalombili azobe ephezulu.