UMunyai ubehalela ukulwa noKomanisi
UJABULE wabuya nganeno umshayisibhakela waseLimpopo, uTshifhiwa “Atomic Spider” Munyai, ofakwe emqhudelwaneni iFeatherweight Super Four ozoqala ngo-Okthoba 21 e-Emperors Palace.
ISuper 4 ihlelwe yiGolden Gloves Promotions kaRodney Berman. Ezinyangeni ezedlule uBerman ubekade ehlele iCruiserweight Super Four egcine idliwe nguKevin “KO Kid” Lerena oqeqeshwa nguPeter Smith. IFeatherweight Super Four izoqhatha umakadebona uMunyai (24-8-1), owayengumpetha we-International Boxing Organisation (IBO) super bantamweight, Simpiwe “V12” Vetyeka (29-3-0), owayephethe ibhande le-World Boxing Association (WBA) Super World featherweight, Azinga Fuzile (8-0-0), ongumpetha we-SA featherweight noLerato Dlamini (9-1-0) ongumpetha we-IBF Youth featherweight.
UMunyai uthe nakuba ekujabulela ukufakwa kwiSuper Four kodwa bekuzoba ngcono ukuba kufakwe nembangi yakhe yeminyaka, uKomanisi, osanda kulaxaza ibhade le-IBO featherweight.
“Lona wumqhudelwano omuhle kakhulu futhi ngiyakujabulela ukufakwa kuwona. Kodwa bekuzoba kuhle kakhulu ukuba bekukhona noKomanisi ohlale ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyangifuna. Nginqabile ukulwa naye emasontweni adlule ngoba uphromotha wakhe ubefuna ukunginika u-R15 000 kuphela,” kusho uMunyai.
“Kungcono ngoba kunoVetyeka engikholwa wukuthi ngizobhekana naye kowamanqamu. ENingizimu Afrika sekunompetha abaningi bamabhande angasho lutho. Lapha bekuzovela umakhonya wangempela.”
Ngokusho kukaBrian Mitchell weGolden Gloves, uMunyai noVetyeka ngeke babhekane emzuliswaneni wokuqala wezimpi. Eyamanqamu izoba ngoFebhuwari wonyaka ozayo. Umshayisibhakela ngamunye uzothola u-R175 000 kuthi ozowina owamanqamu akhale emuke no-R300 000.
“Asikabaqhathi abashayisibhakela okwamanje kodwa sizokwenza isiqiniseko sokuthi uVetyeka noMunyai abaqondani emzuliswaneni wokuqala,” kusho uMitchell.
UMitchell uveze ukuthi isizathu esenze bamshiye ngaphandle uKomanisi wukuthi usebuyele kubo e-East London lapho esesayine inkontileka nophromotha u-Ayanda Matiti weXaba Promotions and Events.
Nakuba lilikhulu isasasa ngeSuper Four kodwa abalandeli besibhakela bazwakalise ukuba novalo ezinkundleni zokuxhumana ngokufakwa kukaFuzile ababona ephonswe emphandwini wezingonyama ekubeni ebukeka enekusasa eliqhakazile kwezamankomane. UFuzile uwine kanzima kuRofhiwa Maemu evikela ngempumelelo ibhande lakuleli ngempelasonto edlule.