Ayisakwazi ukulinda indodana yomqeqeshi
INDODANA kaJohann Ackermann ongumqeqeshi we-Emirates Airlines Lions, uRuan, akulula ukukholwa ukuthi izodlala kowamanqamu weVodacom Super Rugby neCanterbury Crusaders ngoMgqibelo ngo-4 ntambama, e-Emirates Airlines Park, eGoli.
Phezulu eqhulwini kokwenza uRuan angabe esakwazi ukulinda lolu suku, ukuthi udlala kowamanqamu nje, babhekene neCrusaders enomlando wokudla lesi sicoco amahlandla ayisikhombisa kanti uzobe elandela imiyalelo kayise. Kuzobe kuwumdlalo onzima kuyena lo mdlali kanjalo nakuyise ngoba kuzobe kungowokugcina uJohann eqeqesha iLions ngaphambi kokuyoqala impilo entsha eqenjini lase-England.
ILions izobe idlala owamanqamu weSuper Rugby okwesibili iminyaka ilandelana kwazise ishaywe yiHurricanes ngo 20-3 ngonyaka odlule eWellington, eNew Zealand.
“Kuningi okuhle ngalo mdlalo emndenini wami. Osekusele ukuthi siqede umsebenzi ngoMgqibelo yize sazi kahle kamhlophe ukuthi kuzoba nzima kanjani. Ubaba uwushayela okokugcina umkhumbi weLions kanti ngidlala kowamanqamu weSuper Rugby ngiqeqeshwa nguye. Okunye futhi okwenza ngilulangazelele kakhulu lolu suku ukuthi sizobe sidlala phambi kwabalandeli bethu abaphoxekile ngonyaka odlule ngakho-ke sinethuba lokulungisa iphutha,” kusho lo mdlali oyivale thaqa indawo kakaputeni olimele uWarren Whiteley.
NgokukaJohann, iLions kumele ikhohlwe ngale midlalo emibili edlule ngoba lo abazowudlala ngoMgqibelo uzobe uhlukile.
“Angilingabazi nakancane iqembu lami kodwa inkinga enginayo ukuthi iCrusaders ihluke kunawo wonke amaqembu esike sabhekana nawo kule sizini. Kusemqoka ukuthi singayiguquli indlela esidlala ngayo kodwa sandise umfutho nendluzula. Uma livela ithuba lokucindezela iCrusaders akufanele sicabange kabili kepha kufanele sihlale phezu kwayo singabe sisayidedela,” kusho uJohann.
Kusenjalo luyaqhubeka ushikishi lweCurrie Cup nakule mpelasonto njengoba imidlalo yayo izobe ithe chithisaka. Imidlalo yeCurrie Cup: Kusasa: Sharks v Griquas (Growthpoint Kings Park, 7pm). NgoMgqibelo: Western Province v Pumas (DHL Newlands, 1pm).
Blue Bulls v Golden Lions (Loftus Versfeld, 7pm).