Uzophathisa uPitso ngekhanda
KUZOBA nzima kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, ukuqoka unozinti kule sizini ezokwethwasa uma ezohamba emazwini akhe unozinti omusha weqembu uRazak Brimah waseGhana owethembise umbango oshubile wejezi lonozinti.
UBrimah (30), ongunozinti wokuqina weqembu lesizwe laseGhana, usayine kwiSundowns inkontileka yeminyaka emihlanu okusho ukuthi umbango uzoshuba phakathi kwakhe, Dennis Onyango, ongunozinti ovelele e-Afrika, noKennedy Mweene, ongunombolo 1 eqenjini lesizwe laseZambia. UThela Ngobeni kulindeleke ukuthi aphinde abolekiswe kanti uWayne Sandilands usengumdlali we-Orlando Pirates.
Ekhuluma nabezindaba okokuqala esengumdlali weSundowns, uBrimah ucacise ngokumsayinise kwiSundowns nakho konke akuzele eqenjini likaPatrice Motsepe.
“Ngiqome ukusayina kwiSundowns ngoba iyawina futhi ingompetha base-Afrika okuyizinto zonke enginothando lokuhlanganiswa nazo. Okunye okungisizile ngathatha lesi sinqumo abadlali engibaziyo aseke badlalela iDowns eminyakeni edlule.”
UBrimah utshele abezindaba ukuthi usebe wunozinti wokuqina weGhana iminyaka ecela kwemihlanu kanti nakuwona wonke amaqembu abewadlalela kusukela esuka eGhana, wadlulela eGermany, Spain nasePortugal lapho ebebolekiswe khona, uhlale njalo engunombolo 1.
“Ngazi kahle ukuthi ngeke kube lula ukuthatha ijezi lapha ngoba kukhona unozinti ovelele e-Afrika nomunye osebe owokuqina eqenjini lakhe iminyaka. Okwami wukusebenza kakhulu kunakuqala ngisebenzise amava ami bese konke ngikushiya kumqeqeshi noMdali. Yibona abazobona ukuthi ubani okufanele abe ngunombolo 1 kwiSundowns,” usho kanje ngokukhulu ukuzethemba.
Uthe ubengakaqali ukuziqeqesha nozakwabo abasha kodwa akasakwazi ukulinda ngenxa yakutshelwe abangani bakhe ngempilo yakwiSundowns ebuswa ukunqoba yonke imidlalo ebhekana nayo.
Ukufika kukaBrimah kuqubule imibuzo ngekusasa loRicardo Nascimento waseBrazil (okuvela ukuthi ngeke abhaliswe kwiPSL kule sizini ngoba uzohlala izinyanga eziyisithupha elapha ukulimala). Abanye abadlali bangaphandle kwiSundowns uFares Hachi wase-Algeria, Yannick Zakri wase-Ivory Coast, Leonardo Castro (Colombia), Bangaly Soumahoro (Ivory Coast), Fiston noRazak waseBurundi. UMokgakolodi Ngele waseBotswana noCuthbert Malajila waseZimbabwe abasonyakeni wesihlanu ngaphambi kokuba babhaliswe njengabakuleli kuyacaca ukuthi bazobolekiswa futhi.
UThuswa akazange athande ukuphawula ngezinhlelo zeSundowns mayelana nesimo ezithola ikusona ngabadlali abangebona abokuzalwa kuleli.