Uma isitha sakho sibonakale eGlebe kumele ukhathazeke
KUYIQINISO ukuthi bonke abantu basashaqekile ngemibiko yokuthi ihostela laseThekwini iGlebelands lifana nekomkhulu lezinkabi ezingomashayabhuqe ababulala osopolitiki nosomatekisi.
Imithombo engashayi eceleni ithi eGlebe kudidiyelwe lonke uhlobo lwezinkabi, okuyilezo ezindala esezingofeleba abakade baqala ukuqotha imbokodo nesisekelo nalezo ezincane ezisafufusa ezidubula ngoqhwasha. Uma isitha sakho sibonakale eGlebe kusuke kufanele ukhathazeke ngoba kusuke kuchaza ukuthi udaba lwakho seludluliselwe ezandleni zezinkabi. Akekho namunye ongajabula uma ezwa ukuthi udaba lwakhe seluxoxwa yizinkabi ngoba ziyaziwa ukuthi azixoxi kakhulu ngoba zingomafakimali kufe umuntu.
Kwamina angifuni ukuqamba amanga ngithi angiyesabi iGlebe ngoba izolo ngiphuphe ngihamba ngemoto, yangifela esangweni lakhona. Ephusheni bengifona ngikhala ngicela ukuzodonselwa imoto, ngithe ngiphaphama ngathola ukuthi ngiyaphupha ngajabula ngaze ngagida embhedeni.
MaSolezwe kule ngosi yanamuhla okaVolos uxoxa ngocingo noDkt Makhosi Khoza osephenduke iqaqa kwi-ANC ngenxa yokuthi uthi uzovotela ukungabethembi ubuholi bukaMengameli uZuma. Nanka amazwibela alengxoxo yocingo:
Volos: Hello! uMakhosi Khoza engikhuluma naye?
Makhosi: Yebo uyena, wena ungubani, wakuphi?
Volos: UVolovolo lapha eGlebe ehostela, ngicela sibonane ukuze sixoxe ngokuphepha kwakho njengoba impilo yakho isengozini.
Makhosi: Sixoxe ngokuphepha kwami? Ufuna sihlangane kuphi?
Volos: Ngicela ufike lapha eGlebe uzongithola eBlock 10 uma wenyuka ngezitebhisi ngoba imoto ayingeni. Ngesikhathi sixoxa abafana bazobe bebhizi bewasha imoto yakho ukuze uhambe ngayo icwebezela njangalokhu uyiledi lamaledi.
Makhosi: Klibhi klolo! Ongathi sengiyabona imoto yami iwashwa yizinkabi. Uma wena ufuna sibonane ngicela sihlangane ngasebhishi emini.
Volos: Ngicela ukubuza ukuphi njengamanje?
Makhosi: Ngisemhlabeni kaNkulunkulu, umthetho wakho uthunywe ngabathile abafuna ukungisoconga bathi yenza sengathi ufuna ukungisiza?
Volos: Cha Mkhathini akunjalo mina ngizama ukukusiza ngoba ngizwile ukuthi awufuni nokugadwa ngamaphoyisa ngoba uthi awuwethembi.
Makhosi: Yebo angiwethembi ngoba angibuza imibuzwana ebhedayo ekhomba ukuthi afuna ukungincela ulwazi azolwedlulisela kubantu abathile. Njengobani ongajabula uma ebuzwa ukuthi uhlala nobani, ulala kuliphi ikamelo nokuthi umbhede wakhe ungakuluphi uhlangothi ekamelweni.
Volos: Sisi Makhosi ngicela ungilalele ngoba mina ngifuna ukukunika ibhande lokugqiha ozolifaka engalweni, leli bhande lithakwe ngemithi yezilwane ezithile ezizokwenza uzwe egazini uma kukhona abafuna ukukusoconga.
Makhosi: Sorry bandla mina angifune mabhande okugqiha anezitaputapu zemithi ngoba ngiyazikholelwa.
Volos: Uma ungalifuni ibhande kunganjani uma ngikunika ichwane lemfene elihlakaniphile elizohamba nawe likugade ngisho usePhalamende.
Makhosi: Mina nechwane lemfene? Wena Volos ufuna kusizakale laba bantu be-ANC abangizondayo bathi niyambona ke uMakhosi kade sasho ukuthi uthakatha uKhongolose.
Volos: Impela kunesikhalo esikhulu kumalungu ka-ANC athi ulimu lwakho selufana ncamashi nolweDA, kungabe sewuzojoyina iDA?
Makhosi: Ulimu lwami alufani nolweDA, mina ngithi angihambisani nenkohlakalo nokukhwabanisa uma ngisho njalo angiqondile ukuthi sengiyojoyina iDA.
Volos: Kungabe ikhona yini ingxabano ekhona phakathi kwakho noMengameli uZuma?
Makhosi: Cha ayikaze ibekhona, abantu abaningi badidanisa ukuthi ngilwa nenkohlakalo bacabange ukuthi ngixabene noZuma isiqu sakhe.
Volos: I-ANC KwaZuluNatal seyikubeke amacala ngokudicilela phansi isithunzi sayo, kungabe uyamdinga ummeli noma umuthi wecala ozokwenza uphunyuke sebethi bayaqeda ngekusasa lakho?
Makhosi: No thanks Volos, mina ngishade neqiniso nengaziyo ukuthi liyongikhulula ngisho sekuthiwani.