Uthembise ushintsho kowokuqala uMicho
UFIKE nokukhulu ukuzethemba umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic othe ufuna ube usubonakala umehluko ngomdlalo wabo wokuqala we-Absa Premiership.
Yize lungakaphumi uhla lwemidlalo lwesizini entsha ye-Absa Premiership kodwa uSredojevic uthe uzowuthathisa okowamanqamu owokuvula abazowugijima neChippa United.
Lo mqeqeshi ubephendula umbuzo wokuthi ngabe kuzomthatha isikhathi esingakanani ukuhlanganisa iqembu elizodla kwasani.
“Ngiyazethemba ngengingakwenza njengomqeqeshi nokuthi ngizokwazi ukuhlanganisa izinto ngokushesha. Umdlalo wokuqala esizobhekana kuwona neChippa ngizowuthathisa okowamanqamu weCAF Champions League,” kusho uSredojevic.
Lo mqeqeshi odabuka eSerbia unikezwe inkontileka yeminyaka emithathu. Uzothatha umsebenzi oshiywe uKjell Jonevret ngoLwesithathu ngemuva kokuhlala izinyanga eziyisithupha. Usebuya okwesibili kuleli qembu laseSoweto. ngehlandla lokuqala wahlala izinyanga eziyisikhombisa.
Uthe leso sahluko sesadlula njengoba esengumqeqeshi ohlukile futhi ofundile kule minyaka eyishumi eqeqesha emazweni ahlulekene e-Afrika.
Ufake i-Uganda okokuqala kwi-African Cup of Nations ngemuva kweminyaka engu38 ihluleka. Ushiye iqembu lisethubeni lokungena kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.
“Angiseyena umqeqeshi ofanayo, lo owahlala izinyanga eziyisikhombisa phambilini. Ngiwine izicoco ezine emaqenjini ehlukene,” kusho yena.
Uthe ubengeke awuyeke umsebenzi wokuqeqesha iBucs ngemuva kokuthola ucingo oluvela kusihlalo weqembu u-Irvin Khoza.
“Ngize ukuzobuyisa ukumamatheka kubalandeli. Into yokuqala engiyitshele abadlali wukuthi ngeke usebenzele iPirates kodwa kube kungabhaliwe ebusweni bakho ukuthi ungumnqobi. Ngizokwenza konke okusemandleni ukubuyisela iqembu endaweni yalo elifanele, libalwe naphambili.”
Uthe ufuna iPirates ibe wukhonkolo emuva, ibe neminyakazo ehehayo bese iba bukhali phambili.
UKhoza uthe: “Umbandela kwiPirates uwodwa, wukuwina izindebe. Akusho thina kodwa kusho umlando weqembu. Ungaya e-England kwiManchester United nakwiChelsea. Uye kwiReal Madrid kuyinto esobala. Ngeke uthi ufuna ukuqeda kwiTop 8 noma ukuvika izembe. Kodwa ukuze enze lokho umqeqeshi kuzomele esekwe yithina sonke. Into engingeke ngiyisho wukuthi kumele anqobe izindebe ezine noma eyodwa kodwa lokho kuyingcindezi, naye uyawuqonda lo msebenzi.”
UKhoza ululeke uMicho ngokuthi kumele kukhale esakhe isicathulo eqenjini wathi bazomenyezelwa maduze abazoba ngamaphini akhe.