‘Sineqhinga lokuwina kule sizini’
UNOZINTI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ukholwa wukuthi umfutho nokuzibophezela kwabadlali kuzolisebenzela leli qembu ngesizini ka-2017/2018.
Amakhosi aseqede amasizini amabili engawini neyokubika indebe ngaphansi komqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela. Lokhu kuholele ekutheni abalandeli bangajabuli. Nakuba iminwe ikhomba kuKomphela kodwa kukhona abebeyibhekisa kubadlali ngokungazinikeli ngokwanele. UKhune uthe ukusukuma kwabaphathi besayinisa abadlali, ikakhulukazi abasemuva, kuwumyalezo wokuthi kule sizini wonke umuntu othola ithuba lokudlala kufanele alwele ukungayidedeli indawo yakhe. IChiefs izobhekana neSuperSport United koweMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-8.15 ebusuku.
“Kule sizini sinendlela ehlukile esizokwenza ngayo izinto neqhinga lokuwina imidlalo nezindebe. Kufanele siwasebenzise amathuba esiwatholayo. Sidlala kahle siyiqembu kodwa siphisana ngamagoli. Lokho kuzoshintsha kule sizini,” kusho uKhune.
“Ukuthi iqembu lisayinise abadlali basemuva kusho ukuthi umuntu kufanele azimisele. Sizokwazi ukuthi uma uthola ithuba kufanele usebenze ukuze ingakuphunyuki indawo yakho esikimini. Ingcindezi ayikho kumqeqeshi kuphela kodwa nakithina njengabadlali ngoba yena akangeni enkundleni,” kusho uKhune.
Uthe ngesizini edlule abanye abadlali bebenethezekile ngoba bebazi ukuthi bazodlala ngenxa yokuthi umbango wezindawo ubungashubile. IChiefs isayinise uTeenage Hadebe waseZimbabwe, Philani Zulu noBhongolethu Jayiya. UHadebe kuthiwa ulimele iqakala nokuzokwenza ukuthi angabonakali kwiChiefs emidlalweni yokuqala yesizini. Ngesizini edlule iSuperSport ikhiphe iChiefs kwiNedbank Cup. “Kuhlale kukuhle ukuba nabadlali abathathu ababanga indawo eqenjini. Ngesizini edlule besingenakho lokho. Abanye bethu bebenethezekile ngoba sazi ukuthi awushubile umbango wejezi,” kusho uKhune.
“Ngiyazi ukuthi ngesikhathi sivala ngesizini edlule imimoya ibiphansi, sibona sengathi akusifanele ukudlalela iChiefs. Sihlanganile singabadlali sazibekela esifuna kushaye uDisemba sesikuzuzile. Siyazi ukuthi sizobhekana neSuperSport okunzima ukuyihlula. Kodwa kule sizini sizobuya ngomfutho. Abalandeli bethu bazoyigcwalisa iMabhida futhi asikwazi ukubenzela phansi. Siyazi ukuthi iSuperSport ayizange iphumule kwazise idlala imidlalo yeCaf futhi ivale isizini ngendebe. Kodwa siyilungele.”
ISuperSport izoqala impilo entsha ngaphansi komqeqeshi u-Eric Tinkler owine indebe yeTelkom Knockout ngesizini edlule neCape Town City. Uthathe indawo kaStuart Baxter oseqeqesha iBafana Bafana. Amatsantsantsa asesigabeni sama-quarterfinal kwiCaf Confederation Cup.
Ukaputeni uDean Furman uthe bahlose ukuqhubeka nempumelelo yangesizini edlule.
“Azikho izinguquko ezinqala ezikhona ngokufika komqeqeshi omusha. Sifuna ukuqhubeka nempumelelo yesizini edlule lapho siwine khona iNedbank Cup. Sinabadlali abasha kodwa ngikholwa wukuthi ngokwezinga labo sizobanga namaqembu aphezulu nakule sizini. Sidlala imidlalo eminingi kodwa akufanele sikhulume eyokukhathala ngoba sisethubeni lokudlala ama-semi final amabili. Okwamanje sidinga ukugxila emdlalweni weKaizer Chiefs,” kusho uFurman.