Bafuna ukwenza into yamehlo omaskanda kwiNgqwele
‘UMNDENI WAKWA-GUPTA AWUHAMBE NOBHULULU BAWO’ - CELE
Khaya Kheswa: Ey akake asiyeke, ubekuphi sonke lesi sikhathi? Usezokwenza sengathi le nto yoGupta yintsha! Yena kumele akhulume kakhulu ngokubuya komhlaba ukuze silime
Ntokozo Mjisa Nxaba: Wenza kahle aziphendlele. Wonke umuntu uyaziphendlela kuleli zwe
Vella King Nhlenyama: WeNdosi, ukuba le nto wayibona usewuMkhuzi wamaPhoyisa mhlawumbe ngabe waba nalo izwi kodwa awukwazanga, nawe walibala ukuncela yona leyo mali. Kwazibani, mhlawumbe nawe wadla nje kuzo lezi zinjinga ozixoshayo ITEKISI YENGOZI IBINGEKHO EMTHETHWENI: SANTACO
Ayanda Gumbi: Kubuhlungu okuvelele le mindeni, manje kuyaqhubeka abazukuthola nesinxephezelo ngoba imoto ibingekho emthethweni futhi ilayishe ngokweqile
Dumisani Mthethwa: Niphuzileke ukukubona lokho, nikubona ngoba sekufe abantu. Ukube nikubone kungakenzeki le ngozi benizoyikhipha emgwaqweni?
Zakes Maswidi Dube: Bazokhuluma phela ngoba akuyona eyabo eyenze ingozi, ahlale ebulala abantu amaTekisi abaveli kangaka. Abasiyeke bathule, ingozi yingozi ivelela wonke umuntu.
IZIHLABANI zikamaskandi uMjikijelwa Ngubane noMroza Fakude bathi bafuna ukushiya izihlwele zisahalela impinda kwiNgqwele Kamaskandi Music Festival, eWorkshop Centrum Park, eThekwini ngoSepthemba 2.
UMroza uthe yena uzobadlalela ingoma yodumo ethi Elamanqamu Namhlanje (Siyobulal’Uvan Damme). “Ngizobuye ngibazwise izingoma ezikwi-albhamu yami entsha. Ngizocula bukhoma le ngoma engiyenze noMsawawa ethi Izinja Zami. Ngifuna abantu babone ukuthi ngiyakwazi ukwenza ezinye izingoma zolunye uhlobo lomculo,” kusho uMroza owaqopha umlando ngokuhlukanisa unyaka oKhozini FM naseziteshini zakwaSABC ngengoma kamaskandi.
UMjikijelwa uthe yena ufuna ukuqhulula amanoni wodwa. “Uyangazi-ke nawe ukuthi ngivamise ukudlala lezi zingoma ezithandwa kakhulu abantu. Ngeke ngiphume esteji ngingashongo ukuthi Mkhululi Wami Sengiyahamba, Ngigijima NjengoRonaldo, Lalihle Ihhashi Lami Kanti Imbongolo, Ngiyaziqhenya, Awufake 2 nezinye,” kusho uMjikijelwa ozibambelayo esigingcini nasekugideni.
Naye wake wahlula oBlack Coffee noProfessor engomeni yokuhlukanisa unyaka oKhozini, waphinde waqumba phansi bonke omaskanda kwiTop 30 yezingoma ebezishisa izikhotha ngengoma eyayithi Mkhululi Wami.
Lezi zinsizwa zizobe zishiyelana inkundla noKhuzani Mpungose, Igcokama Elisha, Osaziwayo, Amageza Amahle, Imfezemnyama, Qhoshangokwenzakwakhe, Bahubhe neNdodakazi Yentandane.
Uhlelo luyobe luphethwe wumsakazi woKhozi FM uZimdollar Biyela noweZwi Lomzansi 98.0 FM uMC Pholobas.
Amathikithi asatholakala kumaComputicket ngoR80. Umcimbi uyoqala ngo10 ekuseni uze uphothulwe ngo-6 ntambama.